EzintshaOrlando Pirates

U-Erasmus uchiphize izinyembezi ngokunganakwa kwiBucs

Ekhuluma ohlelweni lwePirates, iChange Room, uKermit Erasmus oneminyaka engu-33 uveze ukuthi akakaze akhonjiswe ukuhlonishwa okumfanele njengomdlali we-Orlando Pirates.

UKermit Erasmus ubesebuya isibili kwi-Orlando Pirates futhi bekulula ukubona ukuthi usekhaya kuleli qembu laseSoweto.

“Akukho ukubongwa nokuhlonishwa okungenza usho ukuthi unakekelwe ngalokho obe nesandla kukho,” kusho yena. 

“Ngize kule kilabhu, futhi ngazidela, uma ukhuluma ngemali [ekhihla isililo]… Ngadela cishe u-50% womholo wami ukuze ngize lapha [ngisuka kwiMamelodi Sundowns ngo-2022].

“Nginikela ngakho konke kule kilabhu [i-Orlando Pirates]. Lapho ngifika, iqembu lalidonsa kanzima. 

“Angisho ukuthi ngingumuntu ongashintsha yonke into kodwa ngomqondo wami wokunqoba, ngingakwazi ukuguqula izinto. 

“Futhi lapho ngifika, ngikholwa ukuthi yilokho engikwenzile kwaze kwaba yilapho ngingasavunyelwa ukwenza lokho… 

“Ngibona sengathi ayikho inhlonipho endleleni izinto ezenzeke ngayo, ikakhulukazi endleleni engenze ngayo izinto empilweni yami nakuleli qembu.

“Angisho ukuthi iqembu alingenzeli lutho,” kuqhuba lo mdlali owake wagijima kwiSuperSport United. 

“Ngikhuluma ngami njengomuntu odlala ibhola kuleli. Ngingakhuluma kakhulu ngabadlali abadlule. 

“Ngithanda ukukhuluma kakhulu ngebala futhi, angifuni ukuba umuntu obandlululayo… Kodwa ngiyazi ukuthi ngiyiKhaladi. 

“Ngike ngakubona kwenzeka kubadlali abadlule phambilini. Ngenza isibonelo ngoDaine Klate [owayengumdlali wasesiswini kuleli qembu]. 

“Omunye wabadlali abanomlando omuhle kakhulu kuleli. Kodwa kuphi ukuvunywa endimeni yebhola ngegalelo lakhe. 

“Ungomunye wabadlali abanomlando omuhle kakhulu kwiPirates. Kodwa akaziwa nokuthi uyini,” kuphetha u-Erasmus.