AmaqembuEzintsha

Ligadle kuParker nezinye izethenjwa izembe kwiGalaxy

UBernard Parker ukhonjwe indlela afika ngayo nabanye abadlali abaningi asebekhulile.

Kuke kwavela ukuthi umengameli weGalaxy, uTim Sukazi ubevule amathuba okuqeqesha ezinkulisa kuParker noVuyo Mere. 

Nokho bobabili laba badlali sebekhululiwe njengoba uMere kubikwa ukuthi useyaliyeka ibhola elikhokhelayo ngemuva kweminyaka engaphezu kuka-20.

Ochungechungeni lwemibhalo ephanyekwe kwiFacebook yabuye yasuswa, i-TS Galaxy imemezele ukuhamba kwabadlali abayisikhombisa. 

Phakathi kwabo kukhona uLindokuhle Mbatha oneminyaka engu-38 futhi odlala kwesokunxele, kodwa obelithola amacozucozu ijezi ngesizini edlule. 

Unozinti waseBosnia, uVasilije Kolak, naye uselishiyile leli qembu kulandela ukudlelwa ijezi nguFiacre Ntwari.

Ngaphezu kwalokho, leli qembu likuqinisekisile ukuhamba komdlali othembisayo uLehlohonolo Mojela, osezojoyina iStellenbosch FC. 

UMojela udlale kahle ngesizini ka-2023/24 kwiRockets, wayisiza yagcina iqede endaweni yesithupha kwiDStv Premiership ngemuva kokusayinwa esuka kwiCasric Stars.

Umdlali wasesiswini waseBrazil, uHigor Vidal no-Orebotse Mongae nabo bakhululiwe. 

Lokhu kudedelwa kwabadlali ngale ndlela kuphawula ushintsho olukhulu lohlu kuleli qembu likaSukazi.

Ngakolunye uhlangothi iTS Galaxy isiqinise isikwati sayo ngokusayinisa uVictor Letsoalo osanda kudedelwa AmaZulu FC. 

Yize engazange aphumelele ukuvelela kuMaZulu FC, lapho eshaye khona amagoli amathathu emidlalweni engu-22, iGalaxy iyazethemba ukuthi lo mgadli oneminyaka engu-31 angaba nomthelela omkhulu ngesizini ezayo.

Njengoba seyidedelwe abadlali abaningi, sekuzobhekwa ngabomvu ukuthi leli qembu lizosayina bani kwazise baningi nabadlali abasemakethe kulandela ukukhululwa kwamanye amaqembu.