EzintshaMamelodi Sundowns

Kuvela elikaCarteron kwabazovala esikaMokwena kwiSundowns

Lo mqeqeshi odabuka eFrance, nguye okubhekwe ukuthi abe ngumqeqeshi weMamelodi Sundowns ngesizini ezayo.

UCarteron unomlando ocebile ekuqeqesheni njengona eke wasebenza emaqenjini okukhona kuwo i-TP Mazembe, iRaja Casablanca, iZamalek, ne-Umm Salal yaseQatar. 

Kuzoqashwa yena nje kulandela ukuvela kwezindaba zokudedelwa kukaRulani Mokwena kwiMamelodi Sundowns okuthiwa kuzomenyezelwa maduze. 

Kuthiwa iSundowns izophinde yazise abalandeli ngokuhamba kwephini likaMokwena uMichael Loftman nomhlaziyi uDayle Solomon. 

Kuvela ukuthi ziningana izinto eziqhathe uMokwena nabaphathi bakhe kwaze kwagcian ngokuthi kuvunyelwane ngokuthi akavele ahambe.

Kwenzeka lokhu nje akukapheli sikhathi esitheni lo mqeqeshi esayine inkontileka yakhe entsha kuleli qembu. 

Lokhu kuhamba kwalaba kukhomba ukuthi leli qembu lithatha enye indlela ekwenzeni izinto kwezokuqeqesha.  

Ukuqokwa kukaCarteron kuzophawula isahluko esisha kwiSundowns, ebheke ukuqhubeka nokukhonya kwiDStv Premiership bese yenza kahle nakwiCaf Champions League. 

Ngomlando wakhe oncomekayo, okuhlanganisa nokunqoba iCaf Champions League neTP Mazembe uCarteron uthathwa njengomuntu onamandla okuhola iSundowns.

Izimemezelo ezisemthethweni mayelana nokuhamba kukaMokwena, uLoftman, noSolomon kulindeleke zenziwe maduze.

Nokwethulwa ngokusemthethweni kukaCarteron njengomqeqeshi omusha kubhekwe ukuthi kwenzeke linakapheli leli sonto. 

Abalandeli beSundowns bazobe bemagange ukubona ukuthi lobu buholi obusha buzolimisa kanjani ikusasa leqembu labo abalithandayo.