EzintshaMamelodi Sundowns

Isithathe igxathu elibi ekaRulani Mokwena noBerg kwiDowns

Kuvela ukuthi ikilabhu ingase ichithe yena uRulani Mokwena le ngxabano eqhubekayo nephazamisa ukusebenza eqenjini. 

Kunezinkinga ezimbalwa eziholele kulokhu kuxabana kwemibono okukhona njengamanje eqenjini. 

Ngokubika kweSABC Sport, yilokhu okwenzekayo njengamanje ekhempini yeSundowns:

– Ubudlelwano kuMokwena noBerg bubhidlikile

– Kudalwa ukungavumelani ngokusayinwa nokudedelwa kwabadlali

– Umqeqeshi usathathe isikhashana engekho emsebenzini

Isimo sesishubile eChloorkop, yize singakathathwa isinqumo esingujuqu kodwa maningi amathuba okuthi uRulani Mokwena ehle esikhundleni. 

Okuphakathi kwalesi sigameko esishaqisayo wubudlelwano obungebuhle bokusebenzisana phakathi kukaMokwena noBerg. 

Lo mqeqeshi ubengekho ngoMsombuluko ngesikhathi iqoqo lokuqala labadlali libuya ukuzoxilongwa.

Nokho akucaci noma bekulindeleke ukuthi abe khona yini njengoba kuhlelwe ukuthi ukuqala kwamalungiselelo esizini entsha aqale ngasekupheleni kwesonto. UMokwena, njengabo bonke abanye eqenjini, ubesanda kubuya ekhefini.

Imithombo iveza ukuthi uMokwena, oke waqeqesha kwi-Orlando Pirates neChippa United, mancane amathuba okuthi aqhubeke nokuhola lezi zinkunzi zaseTshwane. Ngesikhathi ebuzwa ngesixazululo kulokhu kungaboni ngaso linye, uMokwena uphakamise ukuthi athathe ikhefu lonyaka wonke.

Lokhu kuvumela uBerg ukuthi kube nguye ohola izinhlelo zeqembu.

UMokwena ukholwa ukuthi leli yiphuzu elibalulekile kule sizini, njengoba ukuqashwa kwabadlali – okuholwa nguBerg- kuseqhulwini. 

Ukuvela kwezindaba ezinjena akumangazi njengoba uMokwena esanda kukhuluma ngendlela ekhomba ukungenami muva nje.

Ekhuluma kwiPower FM, wakubeka ngembaba ukuthi yena akasenasinqumo ngabadlali abahambayo nabafikayo eqenjini. 

Wayekhuluma ephendula ngokudedelwa kukaBongani Zungu, indlela ayekhuluma ngayo yayikhomba ukunengeka.