EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs ifuna itshe lemali ngomdlali ofunwa phesheya

Ngokwemibiko yakamuva, iKaizer Chiefs ifuna imali eshisiwe ngomgadli odabuka eKapa, ​​u-Ashley Du Preez, ofunwa yiqembu lasePortugal, iVictoria SC. 

Izingxoxo ziyaqhubeka phakathi kwalezi zinhlangothi zombili kanti iKaizer Chiefs kuthiwa isibeke isamba sika-R30 million ngalo mdlali.

Imithombo esondelene nezingxoxo ikhomba ukuthi iVictoria SC inentshisekelo enkulu kuDu Preez.  

Ngokombiko weSoccer-Laduuma, umthombo owazi lezi zingxoxo uthi iVictoria izimisele futhi ingase iyikhokhe imali ebekiwe. 

 “Iqembu lasePortugal lizimisele kakhulu ngaye,” kucashunwe lo mthombo usho kanje. 

“Kukhona abakubeke etafuleni, kodwa iChiefs ibheke imali engekho ngaphansi kuka-R30 million ngokudayiswa kwakhe.”

Kuphinde kwacashunwa omunye okuthiwe ungasohlangothini lweChiefs kulezi zingxoxo ethi leli qembu lihlela aukutshala imali elizoyithola ngokudayisa uDu Preez ekuthengeni abanye abadlali. 

Umthombo ongaphakathi kwiChiefs uthe: “IChiefs ayifuni ukulahlekelwa nguyena ingenaye ozovala isikhala. 

“Bathungatha abagadli bakuleli nabakwamanye amazwe ukuze bavale isikhala sikaDu Preez uma bevumelana ngemali neqembu lasePortugal.”

UDu Preez ungomunye wabadlali abenze kangcono kuMakhosi ngesizini edlule obekungeyinhle kuleli qembu laseNaturena.

Amakhosi, aqede ngaphandle kweTop 8, kusamele enze izimemezelo ezisemthethweni ngabadlali abasha njengoba emataniswa nabambalwa nje.

Nokho asebadedele abadlali abane – oKeagan Dolly, uNjabulo Ngcobo, uSiyethemba Sithebe noSifiso Hlanti.

Nokho okubhekwe kakhulu kuleli qembu laseNaturena kuleli sonto wukufika nokwethulwa ngokusemthethweni komqeqeshi omusha.

Kulindeleke ukuthi uNasreddine Nabi afike kuleli ngooLwesibili ebusuku noma ngokuhamba kwesonto kodwa ngaphambi koLwesihlanu.