EzintshaOrlando Pirates

Esinye isithandwa sabalandeli sesidliwe yizembe kwiPirates

Lokhu kulandela ukuthi i-Orlando Pirates ikhulule abadlali abayisithupha ngoJuni njengoba umqeqeshi uJose Riveiro elungiselela iqembu lakhe ukuthi liphonsele inselelo isicoco seligi neseCAF Champions League.

Njengoba isinqobe izicoco ezimbili zasekhaya – iMTN8 neNedbank Cup – ngesizini edlule, iPirates kubhekwe igxile ekudleni eseDStv Premiership ngezayo. 

Kubhekwe abaningi ukuthi baphonsele inselelo ompetha asbesidle amahlandla ayisikhombisa isicoco seligi, iMamelodi Sundowns. 

Intandokazi yabalandeli, uVincent Pule ungumdlali wakamuva ukudedelwa yiBucs njengoba kwenziwa amalungiselelo esizini ezayo.

Ujoyine uFortune Makaringe, uSiyabonga Mpontshane, uRichard Ofori, uKermit Erasmus, uThabang Monare, noSouaibou Marou ekushiyeni leli qembu. 

Ukuphuma kukaPule kumenyezelwe yilezi zinkunzi zaseSoweto ngoLwesibili ntambama ngesitatimende esifushane esiphanyekwe ezinkundleni zokuxhumana zaleli qembu.

“Ngemuva kweminyaka eyisithupha emangalisayo, uVincent Pule uyashiya kwi-Orlando Pirates Football Club,” sifundeka kanje isitatimende. 

“Lo mdlali, oneminyaka engu-32, ufike lapha ngo-2018 esuka kwiBidvest Wits futhi washeshe wangena egiyeni leMighty Buccaneers. 

“Esikhathi sakhe elapha, uVincent uqophe imidlalo engaphezu kuka-140, okuhlanganisa namagoli angu-35 (okuhlanganisa amagoli nokwakhela ozakwabo amagoli)… 

“Egameni lawo wonke umndeni we-Orlando Pirates, sithanda ukubonga uVincent ngakho konke akwenzele le kilabhu. 

“Ungumdlali omangalisayo osakhele izikhathi ezimangalisayo enkundleni futhi wabonisa izimfanelo zokuba ngumdlali oyisibonelo. Siyabonga, Vincent.”

UPule usengena ohlwini lwabadlali asebecela ku-80 abadedelwe ngamaqembu ahlukene ePSL njengoba kuvalwe isizini.