UTico-Tico unombono wokukhipha iJomo Cosmos ehlathini
– Alfred Ngubane
UManuel “Tico-Tico” Bucuane unesifiso esikhulu sokubona iJomo Cosmos ibuyela ezigabeni ezikhokhelayo zebhola kuleli.
Sekuneminyaka ethanda ukuba miningana impela iJomo Cosmos yadliwa yizembe ezigabeni ze-PSL, yayodlala kwezeSafa.
Njengamanje iJomo Cosmos idlala kwi-ABC Motsepe League yaseGauteng kodwa uBucuane unombono ngendlela engabuya ngayo.
“UJomo Sono kumele avele athenge isitifiketi sokudlala kwiDStv Premiership noma kwiMotsepe Foundation Championship ngoba uzophelela kwi-ABC Motsepe League unomuphela,” kusho uTico-Tico.
UBucuane, ungomunye wabadlali abafika ngayo iCosmos kuleli futhi wagcina ethathwe yi-Orlando Pirates.
Ukhulume neLisenethini ngeCosmos ebonakala idonsa kanzima kulesi sigaba edlala kuso futhi kunokwesabela ukuthi iyoze igcine ikhohlakele.
“Mina ngibona ukuthi uBra J kuzomele manje ashintshe umqondo wokuthi uyoze azikhuphulele yena iComos…
“Ngibona kumehlula lokho, kuzomele athenge isitifiketi sokudlala kwiDStv Premiership noma kwiChampionship ngoba ayaqhamuka amaqembu adayisayo kulezi zigaba.”
Njengamanje iMarumo Gallants kulindeleke idayise isitifiketi sayo sokudlala kwiChampionship njengoba yona seyithenge eseMoroka Swallows sePremiership.
Nokho uJomo Sono – ongumnikzai weCosmos – walibeka ngembaba ukuthi uzoziphumela kwiMotsepe League.
USono usazibambele yena mathupha ekucijeni leli qembu noma selidlala kulesi sigaba sama-amesha.
Leli qembu linomlando onothile ebholeni lakuleli nasemazweni angaphandle.
Laziwa futhi lihlonishwa kakhulu ngokuvundulula abadlali abanohlonzo abafana noChris Mwakapuki, uBenjamin Mwaruwaru, u-Esau Kanyenda, nabanye abaningi.
Nakuleli iCosmos beyaziwa ngokuba yifemu ekhiqiza abadlali abasezingeni elihle njengoba uSono eneso lokubona umdlali.
OLUNYE UDABA: Usekhonjwe afika ngayo uCavin Johnson eNaturena
Kungashona ilanga ke umasingaqala sibabale abadlali bakuleli abaphuma kule femu uBucuane angafisi igcine ivaliwe.