Ezintsha

USouthgate ubengakhathazekile yize i-England beyisha nendlu

I-England izithole ilandela ngemuva kwiSlovakia kusukela ngomzuzu ka-25 kwaze kwacishe kwaphela umdlalo, kodwa kwala yena uJude Bellingaham. 

Lo mdlali obe nesizini enhle kwiReal Madrid ushaye elihle igoli ngesikhathi esingeziwe sikanompempe ngomzuzu ka-90+5.

Leli goli lephule izinhliziyo zabalandeli beSlovakia, labonakala lephula nemimoya kubadlali bayo abebezitshela ukuthi sebeqophe umlando. 

Lo mdlalo udlulele esikhathini esingeziwe njengoba ibingekho ebifuna ukugoba uphondo phakathi kwala maqembu.

Ukaputeni we-England, ongalibheki ipali, uHarry Kane uyibeke phambili ngomzuzu wokuqala wesikhathi esingeziwe. 

EzikaGareth Southgate zigcine ziwunqobile lo mdlalo, aadlulela phambili esigabeni sama-quaterfinalsla zizobhekana khona neSwitzerland. 

Nakuyo iSwitzerland kuzomele azibambe ziqine uSouthgate kwazise iyazethemba njengoba iwashise i-Italy ijezi emzuliswaneni odlule. 

USouthgate ubongele abadlali bakhe ngokufaka umfutho noma bese kukubi kakhulu njengoba iSlovakia ibibaxinile. 

“Kuyaxaka, kodwa bengingakaze ngikhathazeke ngokuthi namuhla kuzophela ngathi kulo mqhudelwano,” usho kanje ngemuva komdlalo. 

“Ngisho nokukhahlela sikude [obekwenziwa uKyle Walker], bekwenza sizizwe sengathi likhona ithemba. 

“Besazi ukuthi uma siqhubeka nokubahlasela, kukhona okungase kwenzeke. Bengingacabangi ukuthi isiphetho sizoba yilokho obekuyikho.”