UMako ubhoboze ithumba ngomona kaLorch kwiBucs
– Sibongiseni Gumbi
Umdlali wasemuva we-Orlando Pirates, uPaseka Mako udalule izindaba ezishaqisayo zokuthi uThembinkosi Lorch noDeon Hotto bebengazwani.
UPaseka Mako uveze lokhu, ethi kungenzeka kwaba nomthelela ekutheni iqembu linqume ukumdedela uThembinkosi Lorch.
UThembinkosi Lorch ushiye iPirates waya kwiMamelodi Sundowns maphakathi nesizini, okuyinto eyashaqisa abalandeli abaningi.
UPaseka Mako udalule lezi zindaba ngoThembonkosi Lorch noDeon Hotto ohlelweni lwePirates oluthi “Change Room” oluvezwa kwiSuperSport TV.
UMako uveze ukuthi kungenzeka ukuthi umona yiwo odale ukungezwani phakathi kwalaba badlali ababili.
“Isigameko sikaLorch noHotto, ngingasho ukuthi siliphazamise kakhulu iqembu, futhi ngizosichaza njengoba ngasibona senzeka,” kusho uMako.
“Abanye abantu bebengezwani noHotto, ngeke ngigagule muntu. Futhi kufanele sibe yiqembu.
“Uma sisenkundleni, abaphaselani, bayalwa. Kube yinkinga enkulu ephazamise iqembu lonke. Bebengabingelelani.
“Ngokubona kwami inkinga yasuka ngomfana onguNombolo 3 (uLorch) ngoba mhlawumbe ubehlezi elimala kanti uHotto ubeshaya amagoli.
“Ngingasho ukuthi wumona ngokubona kwami ngendlela engibone ngayo ngoba bakhona nabanye abangenela.
“Futhi abanye babo baseqenjini kodwa ngeke ngibalule ukuthi ubani owenzeni noma owathini . Kodwa kwakujule kakhulu.”
Naye uHotto ukuvezile ukuthi kuke kwanomona ngaye kwaze kwafika la ecela ukushintshwa ngoba enzela ukuthi babone ukuthi naye uyakhishwa.
“Umqeqeshi obengidlalisa ezindaweni ezehlukene, bengingazifaki mina eqenjini,” kusho uHotto kulo loku hlelo.
“Uma umqeqeshi ethi angiyodlala emuva maphakathi nenkundla, bengimbuza ukuthi, ‘kwenzenjani, ngabe kunenkinga?’
“Yena ubeye angitshele njengokuthi, ‘cha, u(Tapelo) Xoki unenkinga, akazizwa kahle ngakho sikudinga kuleya ndawo’.
“Nami bese ngiyavuma, ngimthembise ukuthi ngizokwenza okusemandleni ami, ngidlale lapho angibophele khona.
“Kulapho ke kwaqala khona ukungezwani ngokuthi umqeqeshi ungidlalisa njengomgadli, esiswini kwesookunxele nakwesokudla, nasemuva kwesokunxele.
“Ngezwa kuthiwa kukhona abakhalayo kozakwethu ngokuthi mina angisali eqenjini futhi angikhishwa.
“Ngesikhathi ngifika, izinto zangivuna kakhulu ngoba ngangishaya amagoli ngiphinde ngakhele nozakwethu amagoli – ngangenza kahle kukho konke.
OLUNYE UDABA: Selidume ladlula noSirino nabathathu kwiDowns
“Ngakho ke okuningi kuqale lapho,” kuchaza lo mdlali oneminyaka engu-33 odabuka eNamibia.