UNabi uveza okwenze aqoke iChiefs kwabemshela
– Intatheli yeLisenethini
Ukufika kukaNasreddine Nabi kwiKaizer Chiefs kubambezelekile, kodwa abalandeli baMakhosi bangaba nesiqiniseko sokuthi kulindwe umuntu ofanele ukulindwa.
UNasreddine Nabi, odabuka eTunisia uzojoyina iKaizer Chiefs, engelinye lamaqembu amakhulu e-Afrika, njengomqeqeshi wayo omusha.
Nakuba amanye amakilabhu anemali eningi futhi akhangayo ebemfuna, uNasreddine Nabi ukhethe iKaizer Chiefs, okuyisinqumo esijabulise abalandeli abaningi baleli qembu.
I-Goal.Com ibika ukuthi ukukhetha kwakhe ukuza kuleli kugqugquzelwe wumlando ocebile weqembu, abalandeli abanothando, yokubuyisela iChiefs ezinsukwini zenjabulo njengakudala.
Ukuqokwa kukaNabi kuyisinyathelo esibalulekile kwiChiefs njengoba ihlose ukuguqula izinto, ibuyise nesithunzi sayo njengezikhondlakhondla zebhola lase-Afrika.
Ukukhalipha kukaNabi, amasu, nolwazi kulindeleke ukuthi kufake amandla amasha eqenjini laseNaturena.
Nakuba ukubambezeleka ekufikeni kwakhe kungase kubangele ukukhathazeka okuthile, nokho irekhodi lakhe likhomba ukuthi akonakele.
Iqembu nabalandeli balo banethemba lokuthi ubuholi bakhe buzoletha inkathi entsha yempumelelo futhi bubuyise umuzwa wokunqoba eyaziwa ngawo iChiefs.
“Ngikhethe iKaizer Chiefs ngoba kuwukuthobeka kimina ukuqeqesha iqembu elisezingeni njengayo,” ucashunwe esho kanje uNabi.
“Ngesikhathi esifanayo, njengomuntu waseTunisia oyi-Arab, nginalesi sibopho naleli thuba, ngingakwazi ukufunda ngesiko elihlukile, ibhola nenhlalo…
“Ngaphandle kokuzenza into enkulu, lokho kuyinzuzo engihlezi ngiyifisa.”
Ukufika kukaNabi kubanjezelwe wukuthi iqembu abesebenza kulo ngesizini edlule, i-AS FAR Rabat yaseMorocco, linomdlalo wamanqamu.
IFAR Rabat izodlala umdlalo wamanqamu weMoroccan Throne Cup neRaja Club Casablanca ngoMsumbuluko ebusuku.
OLUNYE UDABA: IDowns isikulungele ukudayisa uRicardo Goss
Uyoze esebemba indiza ebheke kuleli ngemuva kwalo mdlalo kanti abalandeli beChiefs bazifisa anqobe kulo mdlalo ukuze afike ukuzethemba kuphezulu.