Izindebe

Ligcwale umoya kuBradley Carnell kwelase-US

UBradley Carnell uqokwe njengomqeqeshi kwiCity SC ngoJanuwari 2022 futhi wahola iqembu ngokuncomekayo ngesizini yokuqala. 

Ngaphansi kobuholi bakhe, iqembu liqede lingompetha beWestern Conference Regular-Season ngo-2023.

Wanqoba imidlalo engu-17, wadlala ngokulingana kwengu-12 wabe esehlulwa kwemithathu. 

Le mpumelelo yenze i-St. Louis yaba yiqembu lokuqala ukunqoba isicoco inqobe imidlalo engu-17. 

Nokho, iCity SC ithwale kanzima ngesizini yayo yesibili, okwamanje isanqobe imidlalo emithathu, yadlala ngokulingana kweyisikhombisa, yahlulwa kweyishumi. 

Iqembu lihlezi endaweni ka-26 ohlwini lweSupporter Shield, nokuholele ekutheni kuthathwe isinqumo sokushintshwa kobuholi.

Iqembu manje seligxile ekutholeni umqeqeshi omusha ozothatha lo msebenzi kuBradley Carnell. 

“Uma kubhekwa amagalelo kaBradley ekilabhini, bekungesona isinqumo esilula lesi,” kusho umqondisi wezemidlalo weCity SC uLutz Pfannenstiel. 

“Ngeshwa, ngokusekelwe emiphumeleni yethu yonyaka wesibili kuze kube manje, sikholelwa ukuthi uguquko lokuqeqesha luzozuzisa ikilabhu.”