EzintshaKaizer Chiefs

UYaya Sithole uvuma uthando lweChiefs yize yamchayisa

UYaya, okuyigama lesidlaliso likaSiphephelo Sithole, oneminyaka engu-25 njengamanje uzinze ePortugal kanti udlala kwiCD Tondela kwiLiga 2. 

Njengoba edlale kahle kwiBafana Bafana ngesikhathi se-Africa Cup of Nations (Afcon) ekuqaleni kwalo nyaka, lo mdlali wasesiswini usehehe amaqembu amaningi ase-Europe.

Ekhuluma nePowerFM Sport, uYayauveze ukuthi ungumlandeli omkhulu weKaizer Chiefs. 

USiphephelo Sithole uiphinde wakuqinisekisa ukuthi Amakhosi aba nezingxoxo naye kodwa asikho okusemthethweni akubeka etafuleni.

“Ngike ngakhuluma neKaizer Chiefs, ngicabanga ukuthi bekuyisizini edlule,” usho kanje kule ngxoxo.

“Kodwa asizange siqhubeke nezingxoxo kuze kube namuhla. Abazange babeke luhto ngousemthethweni… 

“Besikhuluma nje futhi ngemuva kwalokho kwaphelela lapho.”

Ube esevuam nokuthi uyayithanda iKaizer Chiefs futhi akasoze anqabe uma ibuya izomfuna.

“Iqembu lami lelo, ngiyayithanda iKaizer Chiefs,” kuqhuba lo mdlali odabuka KwaZulu-Natal.

“Ngeke ngikwazi ukuvala umnyango kwiKaizer Chiefs kodwa ngokweminyaka yami, engikufunayo njengamanje ngingathanda ukuqhubeka e-Europe.”

Lo mdlali omude usehlale e-Europe iminyaka engaphezu kweyisithupha kanti uthi inhloso yakhe wukuhlala khona okwamanje.

“Ngicabanga ukuthi ngikulungele ukuqhudelana noma yikuphi lapho engingaya khona.

“Sengineminyaka eyisithupha ngise-Europe, ngingena onyakeni wami wesikhombisa,” kwengeza uSithole.

Yize iKaizer Chiefs iphuthelwe nguYaya kodwa lezi zinkunzi zaseSoweto zingalanda omunye umdlali wasesiswini osezingeni eliphezulu uBongani Zungu. 

Lo mdlali oneminyaka engu-31 owayengumdlali wasesiswini weBafana uhlukane neMamelodi Sundowns emasontweni amabili edlule.