DStv PremiershipEzintsha

Uthembisa okungcono konompempe u-Ebrahim

Onompempe bathole izifundo zokubacija njjengoba kusavalwe isizini nje, ngokusho kuka-Ebrahim.

“Sinohlelo lokubaqeqesha onondweba ngezinga eliphezulu futhi ngethemba ukuthi bazohlomula kulo,” kusho lesi sikhulu. 

“Izikhalo zabaqeqeshi sizizwile. Futhi uma sibheka imidlalo emidala egciniwe siwabonile amaphutha onompempe bethu. 

“Amaphutha onompempe alimaza abantu abaningi ngesikhathi esincane. 

“Ngakho manje sifuna benze kancono kakhulu kunalesizini esiphuma kuyona.” 

Zibe ziningi kakhulu izikhalo ngonompempe kule sizini njengoba abaqeqeshi bebekhala bekhalile ngokubanjwa ngophondo, u-Ebrahim uthembisa ukukuqeda lokho. 

URulani Mokwena ngomunye owakhala kakhulu ngonondweba ngesikhathi iMamelodi Sundowns idlala neMoroka Swallows.

Kulo mdlalo kwaba negoli elakhalisa kakhulu elashaywa uGabadinho Mhango esesendaweni engamfanele (offside). 

No-Ernst Middendorp waphumela obala ngonondweba ukuthi bamshaye bamqeda inkani ngokupha amaphenathi angekho izimbangi zeCape Town Spurs. 

Omunye umqeqeshi owakhala sengathi ubona inyoka endleleni emafusini nguPablo Martin waMaZulu FC.

Abaqeqeshi kuzwela kakhulu kubona ukushaya udaka konondweba ngoba balahlekelwa amaphuzu amathathu.

Lokhu kwenza kube sengathi yibo abahlulwa umsebenzi, abanye begcine bexoshiwe. 

Onondweba abadlalisa kwiDStv Premiership sebekhathaze kakhulu ngamaphutha abawenzayo qede bangajeziswa ngendlela efanelekile.