UKhanye ukhalela oyedwa kwabaxoshwe yiKaizer Chiefs
– Intatheli yeLisenethini
Kubadlali abahlanu abadedelwe yiKaizer Chiefs ngesonto eledlule, kunoyedwa oshiye umhlaziyi owayedlala kuleli qembu ephoxekile.
Njengoba iKaizer Chiefs imemezele, oKeagan Dolly, uSiyethemba Sithebe, uJasond Gonzalez, uSifiso Hlanti noNjabulo Ngcobo bayashiya eNaturena.
Ohlwini lwabaphumayo, umhlaziyi wodumo lweKaizer Chiefs, uJunior Khanye, uphatheke kabi ngokuxoshwa kukaNgcobo.
Ngokusho kwalo mhlaziyi ongancethezi, uNgcobo ubengumdlali osezingeni eliphezulu kwiMoroka Swallows.
“Ukuhluleka kwakhe ukudlala kahle [uNjabulo Ngcobo] kungoba iqembu lonke belidonsa kanzima,” kusho uKhanye kwi-FARPost.
“Ufike eqenjini elibi kakhulu. Ngicabanga ukuthi bekuyisikhathi lapho umqeqeshi kusenguStuart Baxter.
“Indlela lo mfana abedlala ngayo kwiMoroka Sallows, nangendlela abedlala ngayo kwiChiefs, bekuyinzindlela ezehlukene.
“Bekuyinhlekelele nje. Kuyishwa nje kulowa mfana, ngomunye wabanamathalente angcono kakhulu engike ngawabona endaweni adlala kuyo.”
NgoDolly, uHlanti noSithebe, uKhanye ukholwa ukuthi laba bobathathu bekufanele badedelwe kwiKaizer Chiefs.
“[UKeagan] uDolly ufike kwiChiefs, akangenza lutho. Wenza kahle kwiMamelodi Sundowns kodwa wehluleka kwiChiefs.
“Ngicabanga ukuthi (uphazanyiswe) wukulimala, kodwa unikeziwe ithuba.
“[USifiso] uHlanti uyakhohlwa ukuthi ungumdlali wasemuva, akenzanga kahle selokhu afika kwiChiefs.
“[USiyethemba] Sithebe kimina wayengafanele ukuza kwiChiefs futhi bekungamele nje aze agqoke leliya jezi, ngokufanayo noHlanti,” kuphetha uKhanye.
Khonamanjalo, iChiefs iveze ukuthi izokwenza izimemezelo ezifanele ngethimba elisha labaqeqeshi maduze nje.
“Iqembu lizomemezela maduze umqeqeshi omusha nethimba lakhe elizomlekelela,” kusho iChiefs esitatimendeni ngeSonto.
OLUNYE UDABA: Sikhipha ifayela lomqeqeshi omusha weSekhukhune
“Leli thimba lizonikezwa umsebenzi wokuyisela iqembu ekutheni libe ngelinqobayo njengoba sisondela ekugubheni iminyaka engu-55 ngesizini ezayo.”