Siveza bonke ‘abasayinwe’ yi-Orlando Pirates okwamanje
– Sibongiseni Gumbi
I-Orlando Pirates ihlezi ikhombisa ukuba ukuzimisela uma kuyisikhathi sokuthengwa kwabadlali abasha.
Kumanje imibiko ehlukene iveza i-Orlando Pirates isisayinise abadlali abahlanu eqenjini layo elikhulu.
Kunabanye ababili abasayiniselwe ukudlala eqenjini layo lenkulisa elidlala kwiGauteng ABC Motsepe League iPele Pele FC, neleDStv Diski Challenge (DDC).
Owokuqala kwabasayiniwe uThalente Mbatha oqale ngokujoyina ebolekwe kwiSuperSport United ngoJanuwari.
I-Orlando Pirates isimemezele noGilberto wase-Angola obegijima kwiPetro de Luanda naseqenjini lesizwe.
“I-Orlando Pirates inentokozo ukumemezela ukusayina kuka-Delvi Miguel Vieira,” kusho leli qembu esitatimendeni.
“Lo mdlali oneminyaka engu-23 ujoyina ikilabhu ngenkontileka yeminyaka emithathu ngemuva kokuphasa ukuhlolwa ngodokotela…
“UDelvi, owaziwa kangcono ngelikaGilberto, ujoyina iBhakabhaka ngemuva kwamasizini amabili nompetha base-Angola iPetro du Luanda.
“Lo mdlali ophambili ube nesizini encomekayo lapho edlale khona kwi-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast ngasekuqaleni konyaka, esiza i-Angola ukuthi ifinyelele kuma-quarterfinal alo mqhudelwano.
“UGilberto kulindeleke ukuthi abuyele e-Angola namuhla ukuyoqedela amaphepha adingekayo ukuze ajoyine iqembu elizoya eSpain kusukela ngoJulayi 8.”
Ngokwemithombo ehlukene, iBucs isisayinise abanye abathathu, kanti sekusele ukuthi bamenyezelwe ngokusemthethweni kuphela.
Kulabo kukhona oSelaelo Rasebotja osuka kwiSuperSport, umgadli obekwi-Orbit College uThuso Moleleki.
Iphinde yaqinisa nakubaqeqeshi ngokulanda umhlaziyi obekwiStellenbosch FC, uDevon O’Brien.
Khonamanjalo, iPirates nayo isisayinise abadlali abambalwa abazofakwa ezinkulisa zayo ezehlukene.
Ngemuva kokuphuma konozinti osemnkantshubomvu, uSiyabonga Mpontshane noRichard Ofori, leli qembu selinyusele eqenjini lokuqala uSiyabonga Dladla. Ukwengeza, iSea Robbers isayine onozinti ababili beqembu elithuthukayo: u-Ethan Khel ovela kwi-NC Proffessionals noBayanda Thabethe kwiMidlands Academy.
UKeagan Johannes weSuperSport kuke kwabikwa ukuthi usesayine kwiPirates kodwa leyo mibiko ibukeka ingamampunge okwamanje.
OLUNYE UDABA: UYaya Sithole uvuma uthando lweChiefs yize yamchayisa
Nalu uhlu oluphelele lwalabo okubikwa ukuthi basayinwe eqenjini elikhulu kwiPirates:
- UGilberto Viera – Odlala ophikweni/mgadli
- Thalente Mbatha – Odlala esiswini
- USelaelo Rasebotja – Odlala esiswini
- Thuso Moleleki – Odlala phambili
- U-Devon O’Brien – Ongumhlaziyi.