EzintshaOrlando Pirates

Sekushone owayengumdlali we-Orlando Pirates 

IZambian Football Association ikuqinisekisile ukushona kwalo mdlali obeyintandokazi kubakandeli be-Orlando Pirates ngesikhathi sakhe. 

UShonga ushone eneminyaka engu-27 kanti ukudlula kwakhe emhlabeni kubikwe ngeSonto ntambama. 

Muva nje uShonga ubedlalela iNajran edlala esigabeni sesibili eSaudi Arabia kodwa ubengumuntu ojwayelekile ebholeni laseNingizimu Afrika. 

Ngemuva kokujoyina i-Orlando Pirates ngo-2017, uqhubekile wadlalela iSekhukhune United, iCape Town City, ne-TTM. 

Ngesikhathi edlala kuPirates, uShonga udlale imidlalo engu-77 washaya amagoli angu-16. 

Ikhono lakhe liphinde lamenza wadlala imidlalo engu-15 eqenjini lesizwe laseZambia, iChipolopolo, lapho eshaye khona amagoli ayisikhombisa.

Igalelo likaShonga enkundleni belingenakuphikwa, futhi ukudlula kwakhe kungazelelwe kushiya isikhala esikhulu. 

Njengoba abalandeli nozakwabo bekhumbula amagalelo akhe kulo mdlalo, umphakathi webhola ukhala ngokulahlekelwa umdlali onekhono obenokuningi ayengakunikeza.

Ukumenyezelwa kokudlula kwakhe emhlabeni ngeSonto kushiye abaningi bebambe ongezansi, becabanga ngomsebenzi nempilo yomdlali olethe intokozo nesasasa kwabambuka edlala.

“Owayengumdlali weChipolopolo uJustin Shonga useshonile. 

“IPhini loMkhulumeli wamaPhoyisa eZambia uDan Mwale ukuqinisekisile engxoxweni abe nayo nethimba labezindaba leFAZ.”

“UMwale uthe uShonga ushonele esibhedlela samaphoyisa eSikanze ngemuva kokugula isikhashana. 

“Eminye imininingwane izotholakala ngokuhamba kwesikhathi.” ILisenethini idlulisela amazwi enduduzo emndenini, abangani, nezihlobo zikaShonga.