DStv PremiershipEzintsha

ICity isayine unozinti obedlala kwi-Orlando Pirates

Leli qembu belivele selisayine uFortune Makaringe obekwi-Orlando Pirates kule minyaka embalwa edlule. 

Yize kade eselizwa ngendaba ijezi kulamasizini amabili edlule, uMakaringe ungomunye wabadlali elingangatshazwa ikhono labo. 

Udedelwe nabanye abadlali abahlanu, oKermit Erasmus, Richard Ofori, Siyabonga Mpontshane, Thabang Monare noSouaibou Marou. 

Nokho iCity ilande unozinti owakhiqizwa yi-Orlando Pirates kodwa wagcina eshiyile kuleli qembu ngoba eyofuna la azodlala khona njalo.

ICity imemezele kule mpelasonto ukuthi seyisayine u-Elson Sithole oke wadlala eqenjini leDStv Diski Challenge leBucs. 

“ICape Town City inentokozo ukumemezela ukuthi u-Elson Ayanda Sithole usevumelene neqembu ngokujoyina.

“Lo nozinti oneminyaka engu-23 ubudala ujoyine iCitizens esuka kwiMagesi FC. Siyakwamukela Elson,” kusho leli qembu. 

USithole ushiye kwiPirates ekupheleni kwesizini ka-2022/23 kade esejima eqenjini elikhulu. 

Nokho lezi zinkunzi zaseSoweto azizange ziyivuselele inkontileka yakhe njengoba bezivele zinenqwaba yonozini abahle. 

Bekukhona o-Ofori, Mpontshane, Melusi Buthelezi noSipho Chaine yaphinde yathenga uSiphamandla Gumede kwiDondol Stars. 

ICitizens yona iphinde yengeza nango mdlali osemncane, uLefa Aphane obedlala eqenjini le-ABC Motsepe League eLimpopo, iTzaneen United.

ILisenethini seyithole ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-23 ufike kwiCitizens ngoMeyi nonyaka, esazohlolwa.

Ufike wamenelisa umqeqeshi u-Eric Tinkler njengoba emchaza njengomdlali othembisayo.

“ULefa ungumdlali osemusha, othembisayo futhi ngicabanga ukuthi unekusasa elihle phambi kwakhe,” kusho uTinkler. 

“Ukumthola ngendlela esenze ngayo kwakuyisimangaliso.

“Futhi uma ezosebenza ngokuzikhandla, uzoba ngumdlali webhola okhethekile.”