Ezithokozisayo kwiKaizer Chiefs ngoNasreddine Nabi
– Intatheli yeLisenethini
Abaphathi nabalandeli beKaizer Chiefs babhekane nokuningi mayelana noNasreddine Nabi – kodwa manje sekunezindaba ezithokozisayo ngalo mqeqeshi.
Umqeqeshi omusha weKaizer Chiefs, uNasreddin Nabi sekulindeleke ukuthi atheleke e-OR Tambo International Airport kuleli sonto.
Lo mqeqeshi waseTusinia kulindeleke ukuthi adlale umdlalo wakhe wokugcina ne-AS FAR Rabat kwiMoroccan Throne Cup neRaja Casablanca.
Ngenxa yezindaba ezibuhlungu zokukhothama kukanina wenkosi yaseMorocco uMohammed VI, kuke kwavela ukuthi lo mdlalo uzohlehliswa.
“Umdlalo wamanqamu we-Throne Cup e-Morocco uzohlehliswa kulandela ukukhothama kukamama wenkosi yaseMorocco uMohammed VI namuhla.
“I-FAR Rabat kaNasreddine Nabi bekumele idlale neRaja ngoJulayi 1.
“Ukuzila kukazwelonke kusho ukuthi ngeke kube khona imidlalo yebhola izinsuku ezingaphezu kuka-10.
“Sizonazisa mayelana nokufika kukaNabi eNaturena,” ibhale kanje i-Unplayable.
Kodwa ngokwemibiko yakamuva, iziphathimandla zinqume ukuthi umdlalo uzoqhubeka njengoba bekuhleliwe.
Lokhu kusho ukuthi umdlalo uzodlalwa ngoMsombuluko njengoba kwakuvele kuhleliwe ekuqalnei.
Khonamanjalo, iphini likaNabi, uFernando Da Cruz, uqalile ngomsebenzi wokulungiselela isizini kwiChiefs ngesonto eledlule.
UDa Cruz ucelwe nguye uNabi kanti ufike nabaqeqeshi bonozinti ababili, kwaphinde kwafika nephini lesibili lomqeqeshi.
Ngokuthola kweLisenethini, kuzobe kuhlezi abaqeqeshi abasha bodwa ebhentshini leChiefs ngesizini ezayo.
Lokhu kucacisa ngokusobala ukutbi abaphathi bazimisele ukwenza konke ukuqinisekisa ukuthi iqembu aliqhubeki nokuphoxa ngesizini ezayo.
Phela ngonyaka ozayo iChiefs izobe ihlanganisa iminyaka engu-55 kusukela yasungulwa, okusho ukuthi yisizini ebalulekile lena.
OLUNYE UDABA: UKerr uphika eyokumataniswa neMarumo Gallants
Kodwa kukhona abakubona kube wukuthatha ngewala ukuthi kuqalwe ngabaqeqeshi abasha bonke ebholeni lakuleli.