EzintshaKaizer Chiefs

Isiqalile ukumemezela ngezinguquko iKaizer Chiefs

IKaizer Chiefs ike yazithulela nje ekubeni abalandeli bayo bekungathi kukhona okubancinzayo, befisa ukwazi okwenzakalayo eqenjini.

Phela bekunenqwaba yamahlebezi ngezinguquko ezenzekayo eNaturena kulandela isizini embi ngendlela exakile.

Sekubikwe okuningi ke ngalezi zinguquko kwabezindaba, njengoba nokufika kwephini lo mqeqeshi uFernando Da Cruz kubikwe abezindaba iqembu lingakasho lutho.

Nokudedelwa kwabadlali abathile kubikiwe ngakho iKaizer Chiefs yona isazithulele nje, ingasho lutho ngabo.

Kodwa ngoMgqibelo ekuseni leli qembu libe seliqala limemezela ukuthi kukhona abahambayo kubadlali kanjalo nasethimbeni labaqeqeshi.

“Iqembu lenze izingxoxo nabamele abadlali abahlukene nabasebenzi bethimba labaqeqeshi mayelana nezimo zabo zezinkontileka,” kusho iKaizer Chiefs.

“Kune nezinqumo ezithathiwe, kanti laba badlali abalandelayo bakhululiwe ekupheleni kwezinkontileka zabo: 

“Siyabonga kuSiyethemba Sithebe, siyabonga kuNjabulo Ngcobo, siyabonga kuKeagan Dolly, Siyabonga S’fiso Hlanti… Sinifisela okuhle ngekusasa.”  

Bonke laba badlali bese sibikile ngabo ukuthi batshelwe ngoLwesibili ekuseni ukuthi itshe selizogaya ngomunye umhlathi eNaturena, bona abasadingeki. 

Izimenenja zabo zikhalile ngendlela leli qembu elikwenze ngakho lokhu zoa zingazisiwe.

USizwe Ntshangase, ophethe uHlanti nguyena nokho obe nesibindi sokuphumela obala akhulume ngendlela iChiefs eyenzise okwamahlathi ngayo. 

Uthe bebethenjiswe ukuthi kuzolindwa umqeqeshi omusha kube nguye onqumayo ngoHlanti.

Kodwa nakhu manje usededelwe engakafiki umqeqeshi omusha, okusho iqembu libashaye ngemfe iphindiwe.

Khonamanjalo, yize leli qembu seliqalile ukumemezela abahambayo, okubhekwe kakhulu ngabafikayo okubhekwe balethe uguquko.