AmaZuluEzintsha

Ziyabuya kuMaZulu, abanye bayangena, abanye bayaphuma

Leli nxele liye kuMaZulu ezinyangeni eziyisithupha ezedlule lifuna ithuba lokudlala njalo ngaphansi komqeqeshi uPablo Martin. 

Ngokubika kweSABC Sport, uNgobeni uzohlolwa KwaZulu-Natal ngaphambi kokuthi kuphothulwe isivumelwano sokumsayina ngokugcwele ngaphambi kwesizini ka-2024/25.

UNgobeni uqale wajoyina iSundowns esuka kwiBloemfontein Celtic engasekho ngesikhathi leli qembu lidayiselwa iRoyal AM ngo-2021. 

Wabe esebolekwa yizimbangi zeSundowns zasePitori, iSuperSport United ngaphambi kokubuyela kuyo. 

Udlale kuyona imidlalo embalwa ngaphansi komqeqeshi uRulani Mokwena. 

NgoJanuwari, lo mdlali, ona-27, wavuma ukujoyina Usuthu, lapho efike wahlaba khona umxhwele.

Lokhi kuholele ekutheni athole inkontileka yesikhathi eside naleli qembu elizinze eThekwini. 

Njengoba uNgobeni ebengadlali njalo – udlale imidlalo emine kuphela esiwombeni sesibili sesizini – isinqumo sokumthatha unomphela siyamangaza.

Khonamanjalo, iSABC Sport ibika ukuthi uThembela Sikhakhane kulindeleke ukuthi awashiye AmaZulu.

Usejoyine uhlu lwabadlali abangasadingeki kuleli kuMaZulu okukhona kubo oVeluyeke Zulu, uGeorge Maluleka no-Augustine Kwem. 

Usuthu luqinisekise ngoLwesihlanu ntambama ukuthi umgadli uVictor Letsoalo naye uzohamba ngemuva kweminyaka emibili eseThekwini.