Ezintsha

UMcCarthy uyashiya kwiMan U, sekubhekwe olulandelayo

IManchester United iqashe uBenni McCarthy eminyakeni emibili edlule ukuba acije abadlali abahlaselayo eqenjini.

Wafika kwezwakala ke futhi ngesizini yakhe yokuqala, evusa uMarcus Rashford owayehlelwe yifomu. 

Nokho isizini yesibili ithande ukusinda njengoba amagoli abengavumi kahle kulezi zinkunzi ezihlonishwa umhlaba wonke. 

Isikhala sakhe ethimbeni lika-Erik ten Haag sizovalwa yinkakha yeMan United, uRuud Van Nistelrooy odabuka eNetherlands njengomqeqeshi. 

URuud Van Nistelrooy wayengumgadli kulo leli qembu ngaphambilini kokushiya ayojoyina iReal Madrid yaseSpain.

Ungomunye wabagadli abayohlezi behlonishwa kuleli qembu ngomsebenzi ayelenzela lona esadlala kanti akungabazeki ukuthi kubhekwe lukhulu kuye namanje. 

Njengoba eshiya nje manje uBenni McCarthy kuleli qembu, akungabazeki ukuthi kukhona akufundile ku-Erik ten Haag obenengcindezi enkulu. 

Lo mqeqeshi usizwe ukuthi ashaye iManchester United kowamanqamu weFA Cup ukuthi athole ukuphefumula. 

Khonamanjalo, uMcCarthy ubengomunye wabaqeqeshi abebehalelwa abalandeli kwiKaizer Chiefs njengobabeyifuna umqeqeshi.

Futhi naye wakuveza ukuthi angasheshe asabele uma engabizwa ukuzosebenza kuleli qembu kwazise ukhule engumlandeli walo. 

Nokho abaphathi abazange bayingene eyakhe njengoba belande uNasreddine Nabi waseTunisia ongomunye wabaqeqeshi abahlonishwayo ebholeni lase-Afrika.