Selivelile iqembu azosayina kulo u-Andile Jali
U-Andile Jali ngomunye wabadlali abazakhele igama kuleli futhi yonke indawo lapho beshintsha amaqembu kuba nesasasa ngabo.
Namanje kubhekwe ngabomvu ukuthi u-Andile Jali uzophelela kuliphi iqembu njengoba eshiye kwiMoroka Swallows ngoJanuwari.
ILisenethini ike yabika kuleli sonto ukuthi u-Andile Jali uthi uselitholile iqembu azodlala kulo kodwa ngeke alidalule okwamanje.
“Yonke into isilungisiwe. Sengisayinile futhi (ngiyibheke) ngabomvu isizini ezayo. “Angikwazi ukudalula igama leqembu. Imenenja yami neqembu yibo basesimweni esihle sokwenza lokho,” kusho uJali kwiKickoff.com.
Kodwa yize iqembu nemenja yakhe, uMike Makaab bengakakumemezeli lokhu, sekuvele ukuthi uya kwiChippa United.
Kuvela ukuthi yilo leli qembu laseGqeberha elikwazile ukumelana nezimfuno zikaMhlekazi, okuyigama abizwa ngalo uJali ebholeni.
Okwamanje imininingwane egcwele ngalokhu kusayinwa kwakhe ayikatholakali.
Kodwa kuzokhumbuleka ukuthi iChippa ichithe abadlali abangu-16 ngesonto eliphelile njengoba izama ukuzihlela kabusha.
OLUNYE UDABA: Ziyabuya kuMaZulu, abanye bayangena, abanye bayaphuma
Cishe uJali ngomunye wabadlali okuzokwakhelwa kubo kabusha iqembu njengoba kuvela ukuthi usevele useGqeberha ukuze aqale amalungiselelo esizini.