DStv Premiership

ISafa ne-PSL bazofongqa isigqoko kuMotsepe ngeVAR 

UDanny Jordaan, ongumengameli weSafa, no-Irvin Khoza, ongusihlalo we-PSL, kuvela ukuthi bebenomhlangano muva nje.

Kulo mhlangano lezi zinhlangano bezibonisana ngohlelo lwevidiyo lokusiza onompempe, iVideo Assisted Refereeing (VAR). 

Bobabili i-PSL neSafa banesifiso sokuthi kuqale imidlalo yeligi yeDStv Premiership ngo-Agasti lolu hlelo selusebenza. 

Nokho ukubiza kwalo kwenza kube nzima ukuthi lungasheshiseka, kodwa ke uKhoza noJordaan baphume nesixazululo ngokuthola kweLisenethini. 

Kuthiwa bavumelenge ngokuthi bayofongqa isigqoko kumengameli weCaf, uPatrice Motsepe ukuze abasize ngalolu hlelo. 

ISafa idinga u-R30-million ukuze ikwazi ukuqala lolu hlelo ngokuthi icije kahle onompempe, ikwazi nokuqasha abanye abasebenzi abadingakalayo nezinsiza zakhona.

UJerome Damons ongusihlalo wonompempe kwiSafa, wake wakuveza ukuthi uhlelo luhamba kahle fuhti kuncane okubambile ukuthi umsebenzi uqale. 

Ngeviki elidlule kusabalale ezinkundleni zokuxhuma onompempe  be-PSL bekhombisa ukuthi imishini yeVAR isikulungele ukusebenza.