EzintshaKaizer Chiefs

IKaizer Chiefs ‘ipheka’ buthule, kusho isikhulu

Yize kubhekwe izinguquko ezinqala kwiKaizer Chiefs, leli qembu laseSoweto lizithulele nje, alimemezeli lutho. 

Sekufike iphini lomqeqeshi omusha, uFernando Da Cruz, iKaizer Chiefs yazithulela nje, ayangakubika kubalandeli noma kwabezindaba.

Leli phini lifike lihambisana nelinye iphini lesibili nabaqeqeshi bonozinti ababili kodwa nabo ababikiwe. 

Nokho okhulumela leli qembu, uVina Maphosa ungene ezinkundleni zokuxhumana waveza ukuthi ukuthula kwabo akusho ukuthi abenzi lutho.

“Kwesinye isikhathi ukupheka ngokuthula kuyadingena,” kubhala uMaphosa kwi-X ngoLwesine. 

“Sigxile emsebenziniesibhekene nawo ukuze uma sesikhuluma, kuvele kucace futhi kubonakalise ngokusola ukuthi sihloseni.

“Ngakho khululekani, nazi ukuthi izinto ziyenzeka eVillage,” kuqhuba le nsizwa. 

NangoLwesihlanu uMaphosa uphinde waqinisekisa ukuthi amalungiselelo esizini etsha ayaqhubeka.

Ukhumbuze abalandeli ukuthi kusukela ngoMsombuluko, kuzobe sekusele inyanga ukuthi iqale isizini entsha.

“NgoMsombuluko kuzobe sekusele inyanga ukuthi kuqale isizini ka-2024/25,” kubhala yena. 

“Sesiyibheke ngabomvu le sizini nezinselelo ezisilindile kuyo. Sethembe, kuzoba yisizini yokunqoba.” 

Yize uMaphosa engalibekanga ngembaba, kodwa indlela ayibhale ngayo inkulumo yakhe yokuvala ikhombise ukuthi bazoqala ngesonto elizayo ukwenza izimemezelo. 

“Nibe nempelasonto enhle nibuka iCosafa ne-Euros. Asibhekeni ukuthi isonto elizayo lisiphatheleni.” 

IKaizer Chiefs idedela nabadlali abathathu – oKeagan Dolly, Siyethemba Sithebe noSifiso Hlanti – isinyelela kuleli sonto. 

Bobathathu laba badlali abanamava baphelelwa yizinkontileka uma kusongwa uJuni.

NoNjabulo Ngcobo kubikwa ukuthi akabuyanga njengoba iqembu liqale ukuzicija ngoba usesayine kwiSekhukhune United.