BUKA: Sesifikile isihlabani sokuqala kwi-Orlando Pirates
– Sibongiseni Gumbi
I-Orlando Pirates seyethule umdlali wayo wokuqala emsayinile, yaphanyeka nevidiyo eveza lo mdlali enza ezibukwayo.
Lo mdlali, uGilberto Miguel, usayine iminyaka emithathu kwi-Orlando Pirates esuka kwiPetro Du Luanda yase-Angola kanti kubhekwe lukhulu kuye.
Abaningi bambona njengomdlali ozovala isikhala sikaThembinkosi Lorch oshiye kwi-Orlando Pirates waya kwiMamelodi Sundowns ngoJanuwari.
“I-Orlando Pirates inentokozo ukumemezela ukusayina kuka-Delvi Miguel Vieira,” kusho leli qembu esitatimendeni.
“Lo mdlali oneminyaka engu-23 ujoyina ikilabhu ngenkontileka yeminyaka emithathu ngemuva kokuphasa ukuhlolwa ngodokotela…
“UDelvi, owaziwa kangcono ngelikaGilberto, ujoyina iBhakabhaka ngemuva kwamasizini amabili nompetha base-Angola iPetro du Luanda.
“Lo mdlali ophambili ube nesizini encomekayo lapho edlale khona kwi-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast ngasekuqaleni konyaka, esiza i-Angola ukuthi ifinyelele kuma-quarterfinal alo mqhudelwano.
“UGilberto kulindeleke ukuthi abuyele e-Angola namuhla ukuyoqedela amaphepha adingekayo ukuze ajoyine iqembu elizoya eSpain kusukela ngoJulayi 8.”
IPirates ayizange ikuveze ukuthi ikhiphe malini ngalo mdlali kodwa amahlebezi athi kube u-$600 000 (okungu-R11-million ngemali yakuleli).
OLUNYE UDABA: Basale dengwane eBotswana ababedlala kwiPirates
Zibukele nayi ividiyo yalo mdlali enza ezibukwayo emidlalweni yePetro Du Luanda neqembu lesizwe lase-Angola: