EzintshaKaizer Chiefs

UMweene neseluleko esimqoka ku-Itumeleng Khune ngekusasa

Njengoba inkontileka yakhe izophela ekupheleni kwenyanga, ikusasa lika-Itumeleng Khune kwiChiefs alicaci. 

Lo nozinti oneminyaka engu-37 ufikile ekhempini yokulungiselela isizini entsha ngoMsombuluko kanti iChiefs isazomemezela ukuthi izoyivuselela noma cha inkontileka yakhe uma iphela.

Abanye abadlali abebephelelwa yizinkontileka bona sebetsheliwe ukuthi abayozama kwenye indawo ngoba ngeke bavuselelwe.

ILisenethini ike yabika ngoLwesine ukuthi iChiefs izama ukumvalela ekhoneni u-Itumeleng Khune ngokuthi amemezele ukuthi useyaliyeka ibhola.

Nokho yena usesho kaningi ukuthi akakakulungeli ukuthi athathe umhlalaphansi okwamanje.

Ekhuluma nabe-Arena Sport Show, uMweene uthe uKhune akakaqedi futhi usengadlala amanye amasizini amathathu.

Ebuzwa ukuthi uKhune kufanele aqhubeke yini kuChiefs, noma aye eqenjini “elincane” uMweene uthe kukuKhune ukuthi nguyena okufanele anqume.

“Lokho kukuye ukuthi uzokwenzani kodwa uKhune ubegijima kwiChiefs kusukela esemncane,” kusho uMweene odabuka eZambia.

“Ngakho ingcindezi abhekene nayo isifana noVaseline noma amafutha okugcoba. Ngeke ayizwe,” kusho uMweene.

“Uma usukhule udlala kwiChiefs, ) Orlando Pirates neMamelodi Sundowns, ingcindezi iba yingxenye yempilo kuwe. 

“Ngokwami, ngicabanga ukuthi kusafanele aqhubeke adlale,” kuphawula uMweene.

Khonamanjalo, iChiefs kuthiwa yelule inkontileka ka-Edmilson Dove, yengeza unyaka kuyo.

UDove ubeseqenjini lesizwe langakubo eMozambique elidlala kwiCosafa Cup eGqeberha kodwa iChiefs imbuyisile.

Kuvela ukuthi beyifuna azosayina inkontileka entsha bese eqala amalungiselelo nozakwabo.