EzintshaKaizer Chiefs

ULebo Manyama uhlonza okubhimbisa izinto kwiChiefs

ULebo Manyama uhlale iminyaka emine kwiChiefs kanti uze washiya izinto zingalungi, iqembu lehluleka wukunqoba izindebe. 

IChiefs igxekwe kakhulu kule minyama embalwa edlule ngokuthi ayisabathengi abadlali abasezingeni. 

Lokhu kubekwa njengesizathu esenze izinto zibhimbe eNaturena, kodwa uLebo Manyama uyakuphika lokho.

Ekhuluma nomsakazi weSuperSport TV, uKarabo Pasha kwiPodcast yakhe muva nje, uManyama uveze okunye athi yikho okuyimbangela yokugqoza kwempumelelo kuMakhosi. 

“Empeleni okuyiyona yinto eyayinzima kakhulu akusikhona ukuthi abadlali abekho ezingeni,” kusho uManyama kule Podcast.

“Into okuyiyona ebiyenza izinto zibe nzima yisimo somqondo kubadlali. 

“Kwesinye isikhathi ngangisola ukuthi abanye babadlali bazibona besezulwini njengoba sebekwiChiefs.

“Babengaziboni bekwenye indawo. Bavele bethi, ‘Sengisayinile kuleli qembu, angisadingi ukuya kwenye indawo – ngimnandi. Angisadingi kuya ndaawo’.

“Ngaleso sikhathi kukhona abanye bethu abacabanga ngenye indlela ehlukile. 

“Njengami nje, uma uzwa kuthiwa uManyama usesayine inkontileka entsha yeminyaka emine, kimi leyo nkontileka isuke ingikhokhela imisebenzi engiyenze ku minyaka emine edlule. 

“Ukufika kwami akusho lutho ngoba ngisuke ngingakalenzeli lutho iqembu,” kuchaza u‘Lebza’ Manyama. 

UManyama, oneminyaka engu-33, waphelelwa yinkontileka kwiChiefs elimele kanti akabange esalulama kulokho waze wagcina ephoqeleka ukuwagaxa emgibeni amakhokho.

Ngemuva kwalokho wabe esethathwa yiCape Town City ukuba azoba yiphini lika-Eric Tinkler ngesikhathi ezaqhubeka nokwenza izifundo zokuqeqesha. 

Ngaphambi kokudllala kwiChiefs, wayekade ephesheya la adlale khona kwiKonyaspor eTurkey isizini eyodwa.