U-Andile Jali uselitholile iqembu azodlala kulo ngezayo
– Intatheli yeLisenethini
Owayengumdlali we-Orlando Pirates, Mamelodi Sundowns neMoroka Swallows, u-Andile Jali, usememezele ukuthi usesayine neqembu leDStv Premiership angafunanga ukulidalula.
Ngemuva kokuxoshwa yiMoroka Swallows ngoJanuwari, u-Andile Jali, 34, osedlale imidlalo engu-49 kwiBafana Bafana, ukhethe ukuqhubeka nomsebenzi wakhe webhola elikhokhelayo.
UJali uke wadlala naohesheya njengoba ahlala isikhathi eside kwi-KV Oostende edlala esigabeni sokuqala saseBelgium.
Imenenja ka-Andile Jali, uMike Makaab, isanda kuqinisekisa ukuthi akakafiki esikhathi sokuthi engathatha umhlalaphansi.
“Sibe nomhlangano, u-AJ usesithathile isinqumo. Ufuna ukuqhubeka nokudlala,” kusho uMakaab kwi-iDiski Times muva nje.
“Lokho kuyinto engijabule kakhulu ngayo. Manje okulandelayo wukumbhekela amathuba bese sithatha isinqumo esifanele.”
Futhi manje lo mdlali ngokwakhe usememezele ukuthi uzodlala esigabeni esiphezulu sePSL ngesizini ezayo kodwa uthi akavumelekile ukudalula ukuthi uzomela liphi iqembu.
“Yonke into isilungisiwe. Sengisayinile futhi [ngiyibheke] ngabomvu isizini ezayo.
OLUNYE UDABA: Akaneme ngendlela iChiefs exoshe ngayo uSifiso Hlanti
“Angikwazi ukudalula igama leqembu. Imenenja yami neqembu yibo basesimweni esihle sokwenza lokho,” kusho uJali kwiKickoff.com