ElePremiership lisha amashushu ngoDan Malesela
– Alfred Ngubane
UDan Malesela ungomunye wabaqeqeshi iSekhukhune United ecabangela kubo njengoba ithungatha umqeqeshi omusha nje.
Ngesizini edlule uDan Malesela ubeqeqesha iBaroka FC kodwa leli qembu lamchitha kulandela izinsolo zokuthi ubedayisa abadlali bayo kwamanye amaqembu.
Uxoshwe kusanda kuqala imidlalo yokuhlungela ukungena kwiDStv Premiership ngasekuqaleni kwale nyanga.
Khonamanjalo, iSekhukhune United nayo imise obengumqeqeshi wayo uLehlohonolo Seema sekusele imidlalo emibili kuphele isizini.
Imidlalo ebisele iqedelwe uMcDonald Makhubedu obeyiphini likaSeema.
ISekhukhune igcine imxoshile uSeema, kwathiwa uphelelwe yinkontileka.
Ngemuva kwalokho izamile ukuqasha uMorena Ramoreboli weJwaneng Galaxy yaseBotswana, kodwa lokho akuphumelelanga.
ISportsWire ibika ukuthi iSekhukhune United isibheke ukuqasha uMalesela ukuthi ahole iqembu ngesizini ezayo.
Iqede endaweni yesine ngesizini edlule futhi izobuyela kwiCaf Confederation Cup.
UDan Malesela ungomunye wabaqeqeshi bakuleli abanamava. Useke waqeqesha kwiChippa United amahlandla ambalwa.
Uke wathi qu nakwiRoyal AM kodwa washiya ngemuva kwezinyanga ezintathu ngenxa yokushayisana kwemibono kuye noKhabo Zondo no-Abram Nteo.
Nokho la aba nempumelelo ekhumbulekayo khona yikwiTS Galaxy ayinqobisa iNedbank Cup, beshaya iKaizer Chiefs kowamanqamu ngo-2019.
OLUNYE UDABA: UMweene neseluleko esimqoka ku-Itumeleng Khune ngekusasa
Uqashwe ngo-Okthoba kwiBaroka, ayifice isendaweni yezembe kodwa wayinyusa waze wayifaka emidlalweni yokuhlunga.