Ezintsha

Basale dengwane eBotswana ababedlala kwiPirates

OSifiso Myeni noRooi Mahamutsa, ababengaconsi kubalandeli be-Orlando Pirates ngezikhathi zabo, bebedlala kwiVTM FC eBotswana kule sizini.

Ngokubika kweKickOff, uMyeni ujoyine leli qembu ngo-2022, uMahamutsa wabe esemlandela ngonyaka olandelayo. 

Kodwa kuthe ngoLwesine leli qembu lamemezela ukuthi seliyaphuma ebholeni elikhokhelayo njengoba selizogxila ekuthuthukiseni abadlali abasebancane.

“Namuhla siniqoqele lapha ukuze sinazise ukuthi ngeke sidlalwe kwiPremier League ngesizini ezayo,” kusho leli qembu esitatimendeni.

“Sizonciphisa izindleko ngokuthi sigxile ekuthuthukiseni abadlali , sizoqala kwabaneminyaka engaphansi kwesishiyagalolunye kuya kwabanengaphansi kuka-15 kule sizini ezayo.

“Isimo samanje sebhola lakuleli (eBotswana) yiso esisiphoqe ukuthi sibone ukuthi lento yethu ngeke iye phambili – okungenani okwamanje.

“Ukuze ube neqembu elihlahlambile kwiPremier League kumele ube nezinsiza ezifanele.

“Ngeshwa ambalwa amaqembu akwazi ukukhona lokho. Kodwa ngabe ikusasa lisiphatheleni?

“Sizoqhubeka nokusebenza nabafana abancane abafakwe ugqozi lwebhola wukuba khona kwekilabhu kule ndawo. 

“Noma sekungaba wukuthi senzela ukuthi babe nendawo abazodlala bese bekhula.”  

Leli qembu lithe ngeke likuqinisekisa ukuthi lisayophinde livuke ngelinye ilanga.

“Ngokuthi ngabe iVTM iyobuye ibuye ngelinye ilanga, lokho akwaziwa muntu.

“Ukuhamba kwesikhathi okuzoveza leyo mpendulo. Esinesiqiniseko ngakho wukuthi asilahlekile ebholeni. Siyalithanda.” 

Kuzocaca ngokuhamba kwesikhathi ukuthi oMahamutsa noMyeni bayalithola yini elinye iqembu abazodlala kulo.

Uma begcina bengathathwa ndawo, kuzomele babuyele kuleli la okwaziwa khona ukuthi sebathatha umhlalaphansi ebholeni elikhokhelayo.

Omunye umdlali owaduma kwi-Orlando Pirates kodwa osedlala eBotswana uThabo Rakhale okwiTownship Rollers kuleli zwe elingomakhelwane.