Akaneme ngendlela iChiefs exoshe ngayo uSifiso Hlanti
– Alfred Ngubane
USizwe Ntshangase,oyimenenja kaSifiso Hlanti ukhala ngendlela iKaizer Chiefs ephathe ngayo indaba yokuxoshwa kwalo mdlali eNaturena.
USifiso Hlanti ube ngomunye wabadlali abathathu abakhonjwe indlela yiKaizer Chiefs ekuqaleni kwaleli sonto njengoba izinkontileka zabo zingezuvuselelwa.
Imenenja yakhe ithi kuvamise ukuthi iqembu lithinte yona, lixoxisane nayo ngekusasa lo mdlali hhayi le ndlela eyenziwe iChiefs.
UNtshangase uthi abaphathi beKaizer Chiefs abambizanga ukuthi balumane naye indlebe, bavele batshela uSifiso Hlanti ukuthi bayamchitha.
“IChiefs yathi umqeqeshi (omusha) uzomhlola kuqala uHlanti,” kusho uNtshangase kwiMetro FM ngoLwesithathu ebusuku.
“Kodwa akazange aze azicije nakanye ukuze abonwe yilungu lethimba labaqeqeshi abasha, kodwa uvele watshelwa ukuthi inkontileka yakhe ngeke ivuselelwe.
“IChiefs ayizange ixhumane nami ngokungayivuseleli inkontileka kaHlanti kodwa bahlangane naye…”
UNtshangase uphinde waveza ukuthi imizamo yakhe yaphambilini yokuthola ukuthi iChiefs ihloseni ngoHlanti ivele yazitshwa.
“Sizamile ukuxhumana nekilabhu ukuzama ukuthola ukuthi babhekephi noHlanti, nokuthi bacabangani ngaye.
“Kodwa asiyitholanga impendulo eqondile,” kuchaza uNtshangase ngale ndaba.
USifiso Hlanti uchithwe yiKaizer Chiefs nomkhaya bakhe ababili okungoSinethemba Sithebe noNjabulo Ngcobo.
OLUNYE UDABA: UWilliams ufisa iChiefs ihlwaye ikhono emazweni anganakiwe
NoKeagan Dolly akasalanga njengoba naye etshelwe kulo leli sonto ukuthi akasadingeki eNaturena.