Ubuyele kwi-Arrows uKomphela obekhonjwa ngapha nangapha
– Alfred Ngubane
USteve Khompela uqale amalungiselelo esizini entsha neGolden Arrows, eqeda ukuqagela obekukhona ngekusasa lakhe.
Phela uSteve Komphela usengomunye wabaqeqeshi abahlonishwayo hhayi kuleli kuphela, kodwa nakwamanye amazwe.
Bekuke kwanemibiko yokuthi kunamaqembu amfunayo okukhona kuwo neSekhukhune United kwiDStv Premiership.
Nokho iLisenethini izibonele ngokwayo ukuthi uSteve Komphela usengumqeqeshi waBafana Bes’thende.
Besiyele mathupha ukuyobona ukuthi ngempela uKomphela usengumqeqeshi weGolden Arrows noma ushiyile yini ngesiikhathi leli qembu liqala ukubuyela ejimini ngoLwesibili ekuseni.
UKomphela ufike wehla emotweni yakhe, wangena ekilasini nabadlali la behlale khona amahora amabili.
Ngemuva kwalapho, iqembu liqale ukuzivocavoca enkundleni iPeoples Park engaphandle kwaseMoses Mabhida Stadium lapho leli qembu lizilolongela khona.
Lizilolonge isikhashana, laphuma laya emahhovisi aseMoses Mabhida Stadium lapho liphelele khona.
Kulapho ke nentatheli yethu ibe seyinquma ukuhamba kwazise ebikuzele beyisikubonile yize ingazange isalithola ithuba lokuxoxa naye uKomphela.
Kuzokhumbuleka ukuthi kunamahlebezi asabalele ngoKomphela ukuthi uxoxisana neSimba Sporting Club yaseTanzania.
Kodwa lamahlebezi abonakale eshabalala njengoba uKomphela ebonakalile kwiGolden Arrows eqala umsebenzi wakhe wokulungiselela isizini entsha ka-2023/24.
IGolden Arrows iqede lesizini ngaphandle kweTop 8 njengoba iqede kunombolo 9 kwiDStv Premiership.
OLUNYE UDABA: ‘Usindwe wukuhlulwa yisicoco seligi uNabi eMorocco’
Nokho kusangenzeka ke uKomphela ahambe ngoba isikhathi sisekhona.
Phela vele inkontileka yesikhashana ayisayina kwi-Arrows iphela uma kusongwa uJuni.
USteve Komphela ubeqaswe isizini seyiya emaphethelweni ukuzosiza uMabhuti Khenyeza njengoba izinto bezibukeka zimesinda lo mqeqesho osemusha kulo mkhakha.
Nebala umehluko usheshe wabonakala njengoba efike kade leli qembu linemidlalo engu-11 linganqobi, wafike wakujika lokho njengoba kuphele isizini selilwela ukungena kwiTop 8 nje.