UWilliams ufisa iChiefs ihlwaye ikhono emazweni anganakiwe
– Alfred Ngubane
UMark Williams ucebisa iKaizer Chiefs ngemakethe yabadlali athi abanakiwe kodwa basezingeni elihle.
Ngesikhathi enengxoxo ekhethekile neLisenethini, uMark Williams uveze ukukhathazeka ngokuthi iChiefs ngeke isabathola abadlali abahle emakethe yakuleli.
Ubona ukuthi njengoba isalinde umqeqeshi nje, uzothi efika kube sebethathwe bonke abadlali abanohlonzo kuleli nasemazweni angomakhelwane.
“Mina ngabona abadlali abanohlonzo kulamazwe angezona izikhondlakhondla zebhola,” kubeka uMark Williams.
“Ngesikhathi se-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast, ngabona inqwaba yabadlali bamazwe anganakiwe kangako, kodwa abahle impela.
“Ngabona abadlali emazweni afana ne-Angola, Cape Verde… Anabadlali abanzima kakhulu futhi abadlala kumaligi awo lamazwe.
“Abadlali bakhona badlala ngokukhulu ukuzimisela okwenza amazwe abo ahambe ibanga elide kwi-Afcon,” kuqhuba uWilliams.
Uthi ukubabona laba badlali kudinga iso elibukhali nokungathatheki udumo lwamazwe aziwayo nasuke ebhekiwe kwi-Afcon.
“Ngaqala ukuqaphela ukuthi abadlali baseCape Verde bayathuthuka ebholeni lase-Afrika njengoba leli zwe selimisa kabi amazwe ayizikhondlakhondla…
“Abadlali bakhona abawanawo amagama amakhulu ebholeni kodwa bazokunika lento oyifunayo enkundleni,” kusho uWilliams.
“Uma uyibonile kahle i-Angola, uzokhumbula ukuthi inabadlali abayingozi abafana no-Agostinho Mabululu odlala e-Egypt.
Kukhona noGelson Ndala, futhi lokhu kukutshela ukuthi leli zwe linabadlali abathuthukayo nabalambele ukuvelela.”
Ukufakazela umbono wakhe, uMark Williams wenze isibonelo ngeJomo Cosmos eyazitholela imboni yegolide labadlali eMalawi.
“Phambili amaqembu afana neJomo Cosmos, Bloemfontein Celtic kade benemakethe enhle emazweni afana neMalawi anganakiwe ebholeni.
Kukuleli zwe la azivundululela amagolide afana noErnest Mtawali, Lovemore Chafunya, Chance Gondwe, Patrick Mapedi, John Maduka, Esau Kanyenda, Russell Mwafulirwa , Peter Mponda, noGabadinho Mhango.”
Kwamanye amazwe athi avamise ukuba nokhilimu wabadlali ubale iMozambique, iZambia, iZimbabwe, iNigeria, neCongo DRC.
“Kudingeka ukuthi iKaizer Chiefs ikhiphe ithimba labahlwayi abakhaliphile abazobuya nabadlali abayingozi kula mazwe anganakiwe,” kusho uWilliams.
Le nkakha yeBafana Bafana neChiefs ithi inethemba lokuthi kukhona abadlali abahle uNasreddine Nabi abathukusile, azobalanda eze nabo kuMakhosi.
“UNasreddine Nabi uyabazi abadlali balamazwe njengoba ngaphambilini ubeqeqesha eTanzania engomakhelwane be-Angola.
OLUNYE UDABA: Ngathi akasezi u-Aziz Ki ohalelwa yizinkunzi zakuleli
“Kuzomele avunyelwe abalande uma kukhona afisa ukuza nabo,” kuphetha le nkakha eyanqobisa iBafana i-Afcon ngo-1996.