U-Dove uchaza okwenze akhethe elesizwe kuneNaturena
– Intatheli yeLisenethini
Umdlali wasemuva weKaizer Chiefs, u-Edmilson Dove, usephumele obala ngokukhetha kwakhe ukuhamba neqembu lesizwe langakubo kunokubuyela eNaturena.
U-Edmilson Dove ujoyine iqembu laseMozambique elizodlala kwiCosafa Cup ngesikhathi ozakwabo bebuyena ejimini kwiKaizer Chiefs.
Lo mdlali wasemuva oneminyaka engu-29 kumanje useGqeberha neMambas, ezodlala neBafana Bafana ngoLwesithathu ngo-6 ebusuku.
Engxoxweni abe nayo neSABC Sport, u-Edmilson Dove uveze ukuthi uceliwe ukuthi abe khona eqenjini lesizwe njengomdlali osenamava.
Uqome ukusamukela lesi sicelo yize lokho kungambambezela kwiChiefs njengoba kuqala ithimba elisha labaqeqeshi yena engekho.
“Njengabadlali bebhola, lesi yisigaba esiphezulu kakhulu empilweni yethu, ukuba lapha nokumela izwe lakho,” kusho uDove.
“Akukhona ngami kuphela, kodwa umqeqeshi ukhulume nami, futhi wangitshela imibono yakhe nalokho abekufuna kimi.
“Ngokusobala, ngizimisele kakhulu ukuba lapha ukuze ngisize.
“Kusobala ukuthi isimo sekilabhu sinzima, kodwa ngicabanga ukuthi leyo yinto engizoyicabangisisa uma sengibuyele khona.”
Lo mdlali wasemuva ubekhona naseqenjini laseMozambique elidlale kwi-Afcon ekuqaleni konyaka futhi usamile ekutheni ukufulathela izwe lakhe ngeke akwenze.
“Uyazi, ngaso sonke isikhathi uma ngibizelwa ukuzomela iqembu lesizwe, kufanele uvume, uze lapha uzonikela ngakho konke.
“Simele abantu baseMozambique abangaphezu kwezigidi ezingu-30, akusaqondene nathi kuphela…
“Kuwukuzigqaja ukuba lapha futhi simele isizwe. Ngakho-ke ngingumdlali oyedwa kubo bonke abaqeqeshi abebengabakhetha, obengeza lapha futhi abe nomthelela.
OLUNYE UDABA: Sekuseduze iPirates ithole unyazi lwase-Angola
“Ngiyethemba ukuthi singenza kahle,” kuchaza lo mdlali owafika eNingizimi Afrika ezodlala kwiCape Town City.