Ngeke aliswele iqembu uSithebe oxoshwe yiChiefs
– Sibongiseni Gumbi
USiyethemna Sithebe, ongomunye wabadlali abatshelwe ukuthi abasadingeki kwiKaizer Chiefs, usevele unamaqembu amfuna uthuli.
IKaizer Chiefs ibizele uSiyethemba Sithebe, uKeagan Dolly, noSifiso Hlanti ehhovisi ngoLwesibili ekuseni yabatshela ukuthi ngeke zivuselelwe izinkontileka zabo.
Izinkintileka abanazo njengamanje ziyaphela uma kusongwa uJuni kanti sebekhululiwe ukuthi bebe bezama umsebenzi engxenye.
USiyethemba Sithebe, oneminyaka engu-31, ujoyine iKaizer Chiefs ngoJulayi ka-2022 esuka kuMaZulu la ayephelelwe khona yinkontileka.
Ngokuthola kweLisenethini, sekunamaqembu amabili ameshelayo – abevele emeshela iChiefs ingakacacisi ukuthi ithini ngaye.
“USithebe ubeselinde ukuzwa ukuthi iChiefs ithini ngaye ngoba vele kunamaqembu abemfuna eceleni,” kusho osondelene nalo mdlali ocele ukungadalulwa.
“Kuvele isimo besingesihle kwiChiefs, yena ubesangahlala uma elulelwa inkontileka, kodwa akakhali kakhulu njengoba sebemchithile nje.
“Kunamaqembu amabili – iRichards Bay neMagesi – aseke azibika kuye, ezwa amanzi ngobhoko ekutheni engavuma yini ukuwajoyina.
“Ubewamisile ngoba esafuna ukunika iChiefs ithuba lokucacisa ukuthi ithini ngaye, ubengafuni ukuhamba kube ngathi kuxatshenwe.
“Ngiyacabanga manje usezokhululeka, aqale axoxisane nalamaqembu kahle ngokuthi ambekelani etafuleni,” kuchaza le nsizwa.
ILisenethini iphinde yathola ngomunye umthombo ukuthi abaphathi bakaSithebe basamzamela nakwamanye amaqembu okukhona kuwo iCape Town City neStellenbosch.
“Bafuna ukumtholela iqembu asezophelela kulo, azogugela kulo aphinde athathe umhlalaphansi ekulo,” kusho lo mthombo.
OLUNYE UDABA: Ubuyele kwi-Arrows uKomphela obekhonjwa ngapha nangapha
“Iminyaka yakhe ayisezuvuma ukuthi alokhu entanta kakhulu, sekumele athole la ezohlala khona asebenze kuze kushaye isikhathi sokuthi awagaxe emgibeni amakhokho.”