Ngathi akasezi u-Aziz Ki ohalelwa yizinkunzi zakuleli
– Intatheli yeLisenethini
Umdlali weYoung Africans Sporting Club, uStephane Aziz Ki uzakhele igama kuleli ngesikhathi leli qembu libhekene neMamelodi Sundowns kwiCaf Champions League.
Akukhona nje ukuthi u-Aziz Ki, odabuka e-Ivory Coast, washaya igoli elihle kodwa elaphikwa kulo mdlalo.
Kodwa wukuthi lo mdlali oneminyaka engu-28 wadlala kahle kuyo yomibili imidlalo, washiya abalandeli bengawuvali umlomo.
Uvele ke uyisihlabani futhi akumangazi ukuthi iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates kuthiwa banesifiso sokumsayina lo mdlali.
Kodwa manje sekunemibiko eveza ukuthi iYanga nayo ayizimisele ukulahlekelwa yileli qhawe layo futhi yenza konke ukumgcina eTanzania.
Kubikwa ukuthi leli qembu selimhlanganisele imihlomulo emihle ezokwenza kube nzima kuye ukushiya.
Ubesayinwe ekuqaleni kwesizini ngenkontileka yonyaka enombandela wokwelula uma izinhlangothi zombili zivumelana.
Manje njengoba sekuvele ezinye izesheli, iYanga – engelinye lamaqembu ame kahle ebholeni lase-Afrika – isizofaka imali ukumgcina.
Kuvela ukuthi leli qembu lizomnikeza imali enhle u-Aziz Ki ewumhlomulo wokusayina enye inkontileka.
Nomholo azowuthola uzoba muhle ngendlela yokuthi kuthiwa uzoba ngomunye wabadlali abahola kakhulu eTanzania.
OLUNYE UDABA: U-Itu Khune uphushelwa ekuwagaxeni emgubeni amagilavu
Phela nakhona eTanzania kuthiwa akhona amaqembu acuthile ukubona ukuthi izingxoxo zakhe neYanga ziphelelaphi.