Kukhona la asezanyelwa khona uDolly ogxalwe yiChiefs
– Intatheli yeLisenethini
Abesitebele sikaKeagan Dolly sebekuqinisekisile ukuthi nebala lo mdlali ngeke aphinde abonakale egqoke ijezi leKaizer Chiefs.
Lokhu kulandela ukuthi iChiefs inqume ukungayivuseleli inkontileka kaKeagan Dolly nabanye ozakwabo ababili.
OSifiso Hlanti, Keagan Dolly noSiyethemba Sithebe batshelwe ngoLwesibili ekuseni ukuthi bengabe besazihlupha ngokubuya eqenjini.
Batshelwe ukuthi abasadingeki ngoba ngeke zivuselelwe izinkontileka zabo, ngokubika kweSABC Sport.
Manje iKickOff ibika ukuthi omunye wezikhulu zenkampani ephethe izindaba zikaDolly, iSSG, siikuqinisekisile ukukhululwa kwakhe eNaturena.
“Impela usehlukene neKaizer Chiefs, lokho besikwazi,” sicashunwe sisho kanje lesi sikhulu okuthiwa sicele ukungadalulwa.
“Kukhona esesimbhekela khona njengamanje. Uma sekusondele ukuthi siqede, sizonazisa.
“Kodwa okwamanje ngingaqinisekisa ukuthi kuyiqiniso ukuthi usehlukene neKaizer Chiefs,” kwenzeza lesi sikhulu.
UKeagan Dolly ufikekwiKaizer Chiefs ngo-2021 esuka kwiMontpellier yaseFrance ayesehlale kuyo iminyaka emine.
Wafika kuMakhosi ethwelwe ngeqoma futhi kubhekwe lukhulu kuye kwazise wayezophinde ahlangane noKhama Billiat noLeonardo Castro.
Laba bobathathu babekade bedlala ngokuzwana kwiMamelodi Sundowns futhi bebhubhisa kwiPSL base bethiwa eleCBD, okuyisidlaliso esihlanganisa izinhlamvu zokuqala zezibongo zabo.
Nokho kwiChiefs abehluleka wukubuyisa lowo muzwa wabo futhi bese behlushwa wukulimala bonke.
UCastro washeshe washiya njengoba kumanje esedlala kumaligi aphansi ase-USA.
NoBilliat ushiyile ekuqaleni kwale sizini njengoba eze wagcina eselithola ngakubo eZimbabwe iqembu ngasekuqaleni kwalo nyaka.
OLUNYE UDABA: IBafana iyivivele kahle iMozambique, kusho uMkhalele
Njengoba kade kunezinsolo zokuthi nguye ohola ukwedlula bonke abadlali kwiChiefs, cishe kuzoba nzima kuDolly ukuthola elinye iqembu.