IBafana iyivivele kahle iMozambique, kusho uMkhalele
– Intatheli yeLisenethini
Iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika labesilisa, iBafana Bafana, lizoqala umkhankaso walo weCosafa Cup ka–2024 ngoLwesithathu.
IBafana Bafana izobhekana neMozambique eNelson Mandela Bay Stadium, e-Eastern Cape. Umdlalo uzoqala ngo-6 ntambama.
Umqeqeshi, uHelman Mkhalele uthe balindele umdlalo onzima komakhelwane babo, abayiqembu alindele ukuthi lizobe likhuthazeke kakhulu.
“Siyayazi inselelo (esibhekene nayo),” kusho uMkhalele oyiphini lomqeqeshi weBafana Bafana.
“Kodwa uma ngibheka abadlali esinabo nomsebenzi esiwenzile kulezi zinsuku ezimbalwa ezedlule, ngikholwa wukuthi sisethubeni elihle lokwenza kahle nakuba kungeke kube lula.”
UMkhalele uthe kubalulekile ukuthi ezakhe zizinze ngokukhulu ukushesha futhi ziqinisekise ukuthi ziyabavimba abadlali baseMozambique.
“Sidinga ukugxilisa ingqondo, futhi senze isiqiniseko sokuthi umdlalo siwuyisa kwiMozambique.
“Kufanele sakhe amathuba amaningi okushaya amagoli futhi siwasebenzise.
“Nasemuva kufanele siqinisekise ukuthi asibavumeli bahlasele emizuzwini embalwa yokuqala ngoba lokho kuzosigqilaza.
“Ngakho-ke, ukuqala okuhle kusenesikhathi kuzoba yinto eza kuqala kithi…
“Futhi siqinisekise ukuthi ithuba ngalinye esilitholayo siyalisebenzisa ngoba lokho kuzosisiza ukuthi sizinze.”
OLUNYE UDABA: U-Dove uchaza okwenze akhethe elesizwe kuneNaturena
IBafana Bafana izobhekana neBotswana, Mozambique ne-Eswatini kuGroup A walo mqhudelwano.