BUKA: ‘Yilona,’ kusho iPirates yethula ijezi lesizini ezayo
I-Orlando Pirates seyikuqinisekisile ukuthi ijezi ‘eliputshukele’ empakathini ngesonto elidlule nebala yilona ezobe iswenke ngalo ngesizini ezayo.
Leli jezi le-Orlando Pirates lavela ngesithombe esashuthwa esitolo thizeni la lalifakwe khona ukuze lizodayiswa.
Ngesikhathi lindiza ezinkundleni zokuxhumana ezehlukene, leli qembu lazithulela alangasho lutho.
Abaningi balithanda futhi bakusho bangesaba ukuthi bazogijima bayolithenga uma seliphumile ngokusemthethweni.
Abanye baze balifanisa nebeligqokwa yi-Al Ahly yase-Egypt kule sizini, bethi kusho ukuthi neBucs izimisele ngezinto ezinkulu.
Phela bobabili iBucs ne-Al Ahly baxhaswe yi-Adidas. Sekuthe ngoLwesithathu ntambama iPirates yalethula leli jezi layo.
“Liyeza maduze,” kubhala iPirates kwi-X la yethule khona leli jezi layo.
“Bhakaniya, Nilibonile, nakhuluma ngalo, nalithanda. Yebo yilona.”
OLUNYE UDABA: Kukhona la asezanyelwa khona uDolly ogxalwe yiChiefs
Buka nansi ividiyo yaleli jezi ngezansi: