‘Usindwe wukuhlulwa yisicoco seligi uNabi eMorocco’
– Sibongiseni Gumbi
Intatheli yezemidlalo yaseMorocco, u-Amine El Amri, seyenze izinsolo zokuthi uNasreddine Nabi ugxume wathatha umsebenzi weKaizer Chiefs ngoba ebaleka.
Le ntatheli ithi ukuhlulwa wukunqoba isicoco seligi nokubhuliswa amazolo kwiCaf Champions League yikho okwenze uNasreddine Nabi wanquma ukuza kwiChiefs.
UNasreddine Nabi kumanje ukwi-As Far Rabat eMorocco kanti ulale isibili kwiBotola Pro League, isicoco sihamba noJosef Zinnbauer weRaja Casablanca.
UZinnbauer ayaziwa amagaleli akhe nakuleli njengoba eke wacija i-Orlando Pirates futhi wanqoba izicoco ezimbalwa.
Ekhuluma nabeRadio 2000 ekuqaleni kwaleli sonto, u-Amri uthe kumsindile uNabi ukuhlulwa yilezi zicoco yize esenethuba lokugeza igama ngeThrone Cup.
“Ngicabanga ukuthi ingcindezi yokunganqobi iligi nokushayeka esigabeni sokuqala kwiChampions League kube yisisindo esikhulu kuye.
“I-AS FAR ibingompetha abavikela isicoco seligi. Ngakho-ke akumangazi ukuthi uyahamba,” kusho le ntatheli.
Uthe kodwa akubanga kubi ngaleyo ndlela kwazise bekuyisizini yakhe yokuqala lena uNabi.
“Yize uNabi engazange ayiwine iligi kodwa ngicabanga ukuthi bekuseyisizini enhle kakhulu ngoba baqoqe amaphuzu amaningi kule sizini.
“Futhi usenethuba lokunqoba iThrone Cup aqede isizini ehambela phezulu,” kwengeza u-Amri.
UNabi bekubhekwe ukuthi afike kuleli sonto kuleli ukuzoqala umsebenzi wakhe kwiChiefs.
Kodwa kubuye kwahlehliswa ngoba efuna ukudlala umdlalo wamanqamu weThrone Cup kuqala.
Uzobhekana nezikaZinnbauer kulo mdlalo wamanqamu okungakacaci nokho ukuthi uzoba nini.
“Inkinga ngeThrone Cup ukuthi yiNkosi inquma usuku lomdlalo wamanqamu, ngakho-ke akukakaqinisekiswa.
“Kodwa kungenzeka kube emasontweni amabili ezayo. Ngakho kungaba yinto ephusile ukuthi uNabi ashiye ikilabhu nendebe,” kusho u-Amri.
OLUNYE UDABA: Aconsa amathe AmaZulu ngomdlali ongase achithwe yiPirates
UNabi uthe yena usehletsheliwe ukuthi lo mdlalo wamanqamu uzoba ngoJuni 30.