Ezintsha

UNeil Tovey nesicelo esimqoka kwiChiefs ngoNabi

UNeil Tovey ubona kuzoba wukudlala kwesikhathi ukuthi iChiefs ilande uNasreddine Nabi bese imncisha imali yokuthenga abadlali abafisayo. 

“Kumele bamnikeze isabelo-mali uNasreddine Nabi ukuze ezothenga abadlali abanohlonzo,” kusho uNeil Tovey engxoxweni ekhethekile neLisenethini.

“UNasreddine Nabi ngiyezwa ngaye ukuthi ungumqeqeshi osezingeni eliphezulu lapho ephuma khona…

“Kodwa ngeke naye enze lutho uma ngabe abaphathi beKaizer Chiefs bezonqaba nemali yokuthenga abadlali abazokwazi ukuncintisana nabadlali bezimbangi zeKaizer Chiefs.

“IKaizer Chiefs idinga abadlali abanamagama aphezulu ebholeni nabazofika noguquko eqenjini.

“Uma iqembu lingenzi kahle, kuzobhekwa yena (uNabi), asolwe ngemiphumela  kodwa kungabhekwa ukuthi abadlali athengelwe bona bawuhlobo olunjani. 

“Kumele kuyekwe ukuthengwa abadlali abazogcwalisa isibalo, kodwa kuthengwe abalambele ukunqoba.” 

UNeil Tovey ukuncomile ukuthi iChiefs imnike imvume yokuziqokela ithimba lakhe azosebenza nalo uNabi. 

Uthi lokhu kuyisiqalo esithembisayo, esikhombisa ukuthi abaphathi bafundile emaphutheni angaphambilini. 

Kodwa ufisa isinyathelo esilandelayo kube wukumnika igunya lokuzithengela yena abadlali abadingayo. 

“Njengoba umqeqeshi uza nezinhlelo zakhe kuzomele bamnike inkululeko eqenjini ukuze uma umsebenzi engasawenzi kube lula ukumkhomba indlela afika ngayo.

“Kodwa kuzomele bamncebise ngosikompilo lweKaizer Chiefs, ukuze angagcini eyijika eyenza into engaziwa,” kuchaza uTovey. 

UNabi kulindeleke afike kuleli ukuzoqala umsebenzi wakhe kwiChiefs ekupheleni kwenyanga. 

Kodwa abasizini bakhe ababili, oFernando Da Cruz, oyiphini lakhe, no-Olyes Mgouzhi, ocija onozinti, sebeqalile ukusebenza eNaturena.