Ezintsha

Sekusele amathizethize kwekaManqoba Mngqithi neDowns

Inkontileka akuyo njengamanje uManqoba Mngqithi iyaphela ekusongweni kukaJuni, kodwa kubukeka ezokwelulelwa.

Bekuke kwanemibiko ethi uManqoba Mngqithi usezimisele ngokushiya aye kwiKaizer Chiefs ebimfuna njengoba beyicinga umqeqeshi omusha.

Kodwa Amakhosi asegcine ethathe uNasreddine Nabi, ongumqeqeshi ohlonishwayo ebholeni lase-Afrika. 

Manje, ngokubika kweSoccer-Laduuma, sekusele amathizethize nje ukuthi bavumelane futhi kusayinwe inkontileka entsha. 

“Sesisesigabeni sokuqedela izinto,” kucashunwe imenenja kaMngqithi, uMike Makaab, isho kanje kulo mbiko.

“Akunankinga (ukuthi inkontileka akuyo manje iyaphela ekupheleni kukaJuni). Ngokwezingxoxo, sekuvunyelwene, sekusele nje ukuqedela amathizethize.

“Izingxoxo ezifana nalezi zithatha isikhathi eside. Akukhona nje ukuvele uthathe ipeni usayine.

“Kumele sibheke nomsebenzi azowena ukusuka manje kuya phambili.

“Kungokuthi azinikele eqenjini, ubude benkontileka nazo zonke izinto ezinjalo. 

“Uma kuxoxisana iqembu elinegama, nomuntu onegama, kuba nzima kakhudlwana.

“Uzama ukuqinisekisa ukuthi yonke into yenzeka kahle ukuze zombili izinhlangothi zeneliseke. Lokho kusiza ukwenza ubudlelwano bube bude. 

“Senginesikhathi eside ngikulo msebenzi… Sengike ngabona izivumelwane ezitshekele nganxanye.

“Akuthathi isikhathi eside ukuthi ubudlelwano bubhidlike. Mina ngithanda ukuqinisekisa ukuthi kweneliseka wonke umuntu.

“Lokho kungale kwemali. Nginethemba lokuthi lena sizoyiphothula maduze nje,” kuchaza uMakaab. 

Kungenzeka ukuthi iSundowns ayifuni ukulahlekelwa uMngqithi ngoba ifuna athathe umsebenzi uma kwenzeka ixabana noRulani Mokwena ngokuhamba kwesikhathi.

Kuvele kunamahlebezi okuthi uMokwena usehleni ngesinqa esisodwa kuleli qembu njengoba abaphathi bengaseneme neze ngaye.