Ezintsha

Kugqame abebengekho kuqala isahluko esisha kwiChiefs

IKaizer Chiefs isemizamweni yokuzakha kabusha njengoba izoqasha uNasreddine Nabi kungekudala. 

Iphini lakhe, uDa Cruz, lona lifike ngeSonto, kanti alichithanga sikhathi lachazela abadlali ngokufunwa uNabi kubo. 

Ngokubika kweFAR Post, uDa Cruz ugcizelele ukuzikhandla, ukuba nomoya wokunqoba nokusebenzela iqembu njengezinsika ezifunwa uNabi eqenjini lakhe.

Umqeqeshi wonozinti uMzoughi kubikwa ukuthi wengeze kobekushiwo uDa Cruz, efaka abadlali umdlandla. 

Babalelwa ku-28 abadlali beKaizer Chiefs abebekhona ngosuku lokuqala lokubuyela ejimini. 

Okuphawulekayo nokho ukuthi kukhona abebengekho okungoSiyethemba Sithebe, uNjabulo Ngcobo, uKeagan Dolly noSifiso Hlanti.

Bonke laba izinkontileka zabo ziyaphela ekupheleni kukaJuni, okwenza kube nokungaqiniseki ngokuthi bazohlala noma bayahamba.

UNgcobo yena okwakhe sekuyaziwa njengoba esevumelene neSekhukhune United ukuthi uzojoyina yona.

Okunye okuphawulekile wukubonakala kukanozinti u-Itumeleng Khune eyingxenye yabadlali abebehlolwa isimo sabo ngoMsombuluko. 

Inkontileka kaKhune nayo iyaphela uma kusongwa le nyanga futhi iqembu selike lakuveza ukuthi ngeke esaqhubeka nokudlala. 

Kodwa kungenzeka kujike lokho uma umqeqeshi omusha wonozinti, u-Ilyes Mzoughi ebona esangalisebenzela iqembu. 

Neminyaka phela isamvumela njengoba esanda kuhlanganisa u-38 nje. 

OTebogo Potsane noGeorge Matlou basalimele futhi yingakho bebengekho, kanti u-Edmilson Dove useqenjini lesizwe laseMozambique elidlala iCosafa Cup. 

U-Edson Castillo noJasond Gonzalez nabo bebengekho. Izinkomba zithi uGonzalez ngeke abuye njengoba inkontileka yakhe ingavuselelwanga. 

Ukufika kukaNabi osekuseduze, kuzokwenza abalandeli babheke ngabomvu ukuqala kwesahluko esisha emlandweni weChiefs.