Ayanda amathuba okushiya kukaPercy Tau kwi-Al Ahly
– Intatheli yeLisenethini
Ikusasa likaPercy Tau kwi-Al Ahly alicacile yize esanda kuveza isifiso sokuhlala kueli qembu.
Nokho imibiko yakamuva iveza ukuthi sekunamaqembu aseMiddle East asiqaphe ngelokhozi isimo sikaPercy Tau kwi-Al Ahly.
Kuneqembu laseSaudi Arabia elisanda kukhushulelwa kwiSaudi Pro League, i-Al Kholood, okubikwa ukuthi limfuna uthuli lo mdlali weBafana Bafana.
UPercy Tau, ojoyine i-Al Ahly ngo-2021 ngemuva kokushiya iBrighton & Hove Albion, unenkontileka ephela ekupheleni kwesizini ezayo.
Kubukeka sengathi ukuqagela ngokuhamba kwakhe kusaqhubeka isizini yonke.
Ngokwemibiko yesiteshi saseQatar, i-Al-Kas TV, i-Al Kholood, eqede endaweni yesithathu esigabeni sesibili saseSaudi ngesizini edlule, inentshisekelo ngalo mdlali oneminyaka engu-30.
Khonamanjalo, kubikwa ukuthi i-Al Ahly izimisele ngokugcina uTau kanti isezingxoxweni zokwelulwa kwenkontileka.
Umthombo weqembu uwachithile amahlebezi amatanisa uTau nezingxoxo neqembu laseNingizimu Afrika, iKaizer Chiefs.
“Asazi lutho ngokukhulunywa kwabezindaba eNingizimu Afrika mayelana nezingxoxo zeKaizer Chiefs noPercy Tau,” kusho umthombo ephephandabeni lesi-Arabhu i-FilGoal.com.
“Sisazimisele ngaye futhi sifuna aqhubeke. Izingxoxo zokuvuselela inkontileka ziyaqhubeka.”
Akukacaci ukuthi i-Al Ahly ingamgcina yini uTau njengoba kunemibiko yokungezwani phakathi kwakhe nomqeqeshi uMarcel Koller.
Lawa mahlebezi asukela ekungenamini kukaTau ngokukhishwa emdlalweni womlenze wesibili weCaf Champions League bebhekene ne-Esperance.
Umthombo weqembu utshele iFilGoal.com ukuthi uTau uhlawulisiwe ngokukhombisa kwakhe esidlangalaleni ukungenami.
“UPercy Tau ubehamba kahle ngokwemithetho ngoba wasiphikisa isinqumo sokumshintsha kowamanqamu weChampions League ne-Esperance.
“Ukuphikisa komdlali bekuyisikhashana nje sentukuthelo ngenxa yesinqumo sabaqeqeshi,” usho kanje.
OLUNYE UDABA: Awe-PSL asexoshe abadlali abangaphezu kuka-50
Kusukela ejoyine i-Al Ahly, uTau usedlale imidlalo engu-101 kuyona yonke imiqhudelwano, washaya amagoli angu-24.