Ezintsha

Awe-PSL asexoshe abadlali abangaphezu kuka-50

Mahlanu kuphela amakilabhu, kwangu-32 e-PSL, okuhlanganisa aweDStv Premiership naweMotsepe Foundation Championship, asedalule abadlali abakhululiwe. 

Njengoba amakilabhu ezoqala ukusebenza ngokugcwele enyangeni ezayo, kulindeleke ukuthi sande isibalo sabadlali abazongena ohlwini lwalabo abangasebenzi.

Nokho bakhona abadlali abambalwa kulabo abakhululiwe asebekwazile ukuthola amaqembu amasha abazodlala kuwo.

Bancane nokho, cishe bayingxenye encane impela, cishe u-5%, walabo abathintekile. 

Ngezansi sibheka amaqembu aseqinisekisile ukuhamba kwabadlali ezikwatini zawo. 

  • Umdlali wasemuva uBrian Onyango uzoshiya iMamelodi Sundowns uma kuphela inkontileka yakhe ngoJuni 30.
  • UBongani Zungu usekuqinisekisile ukuthi usehlukene neMamelodi Sundowns.

Akukaqinisekiswa okwamanje, njengoba iKaizer Chiefs ilinde umqeqeshi wayo omusha. 

IKaizer Chiefs izokwenza izinguquko ezinkulu ngemuva kokuqokwa kukaNasreddine Nabi njengomqeqeshi.

Abadlali abayisikhombisa beKaizer Chiefs baphelelwa yizinkontileka ekupheleni kwenyanga, kodwa bazisiwe ukuthi babekezele njengoba iqembu lisalinde umqeqeshi omusha.

I-Orlando Pirates idedele abayisithupha:

  • Thabang Monare 
  • Kermit Erasmus
  • Richard Ofori
  • Siyabonga Mpontshane
  • Souaibou Marou
  • Fortune Makaringe

IChippa United idedele abadlali abangu-18 ngaphambi kwesizini ka-2024/25:

  • Luvuyo Memela
  • Roscoe Pietersen
  • Lloydt Kazapua
  • Azola Ntsabo
  • Siyabonga Nhlapo
  • Senzo Nkwanyana
  • Siphelele Luthuli
  • Darren Johnson
  • Menzi Ndwandwe
  • Andile Fakude
  • Kamohelo Mahlatsi
  • Diego Appolis
  • Khanyisile Mayo
  • Siseko Manona
  • Yuriq Conwood
  • Andile Mbenyane
  • Goodman Mosele (ubebolekwe kwiPirates) 
  • UMalebogo Modise (Ubebolekwe kwiSundowns)

ISekhukhune United idedele abadlali abangu-13 ngaphambi kwesizini ka-2024/25:

  • Siphosakhe Ntiya-Ntiya
  • Lebohang Mabotja
  • Ntokozo Mtsweni
  • Thamsanqa Masiya
  • Miguel Dias
  • Rally Bwalya
  • Maloisane Mokhele
  • Collins Makgaka
  • Sibusiso Vilakazi
  • Tashreeq Morris
  • Michael Sarpong
  • Tlotliso Phatsisi
  • Lesego Sebetlela

Kuphume abahlanu kwiCape Town City:

  • Thabiso Kutumela (Ubebolekwe kwiSundowns) 
  • Jo Paciencia
  • Relebogile Mokhuoane
  • Bongani Mpandle
  • Khanya Leshabela

Bathathu abakhonjwe isango kuMaZulu:

  • Augustine Kwem
  • George Maluleka
  • Veluyeke Zulu

Leli qembu leChampionship lona lidedele abayisithupha:

  • Tshidiso Padjtie
  • Putco Khoza
  • Lehlonolo Nonyane
  • Boafela Pule
  • Phelelani Shozi
  • Sandile Nyundu