Ezintsha

Aconsa amathe AmaZulu ngomdlali ongase achithwe yiPirates

Kuvela ukuthi AmaZulu ngelinye lamaqembu aseveze ukuthi engagxuma ahlale uma kuvela ithuba lokubolekwa lomdlali

Ngokwemibiko yakamuva, iPirates ifuna ukunciphisa isibalo sabadlali kanti uSandile Mthethwa ngomunye wabadlali obanika inkinga.

Kuvela ukuthi ifisa ukumgcina, kodwa manje inkinga wukuthi ayithandi ukuthi aphinde ahlale ebhentshini enye isizini.

Manje yingakho ke AmaZulu ebonakala engaba yisixazululo ngokuthi abolekwe yena lo mdlali isizini eyodwa.

Kodwa kuvela ukuthi neChippa United, ake wahlala kuyo ebolekisiwe uMthethwa, nayo izibhekile ekutheni abuyiselwe kuyo. 

Kumasizini amabili ebuyile kwiPirates, uMthethwa ulithole kancane ijezi njengoba leli qembu liqine kahle emuva. 

Ngokubika kweSoccer-Laduuma, uMthethwa angase abolekiswe njengoba iPirates izihlela kabusha njena.

“Kunezinqumo ezinqala okumele zithathwe njengoba kuvalwe isizini nje,” kuchashunwe umthombo usho kanje. 

“Umdlali wasemuva, uSandile Mthethwa ngomunye wabadlali ikusasa labo okusazothathwa isinqumo ngalo.

“Kunezinhlelo zokumbolekisa kwiChippa United, kodwa naMaZulu asevelile ukuthi engamthatha uma enikwa ithuba. 

“AmaZulu anaso isikhala sakhe njengoba ededele ezinye zezitobha zawo nje.

“Ekuqaleni bekuzobolekiswa ngoThabiso Sesane. Kodwa uvele wazakhela ugazi ngokwenza kahle uma enikwe ithuba.

“Manje abaqeqeshi sebecele ukuthi kube uSandile Mthethwa okubolekiswa ngaye,” kuqhuba lo mthombo. 

Kuthiwa inkontileka yakhe kwiPirates izoze iphele ngoJuni ka-2026, kanti kubolekiswa ngaye ukuze athole ithuba lokudlala njalo.

Inhloso yalokho wukuthi athuthuke, abuye eseqine kahle uma kuba khona ohambayo ezitobheni ezikhona njengamanje kwiPirates.