Usevuke kwelaseLimpopo ogajwe yi-Orlando Pirates
– Sibongiseni Gumbi
Usesheshe wazitholela elinye ikhaya umdlali odedelwe yi-Orlando Pirates ngasekuqaleni kwale nyanga.
UThabang Monare, oneminyaka engu-34, ube ngomunye wabadlali abayisithuha i-Orlando Pirates esheshe yacacisa ukuthi ngeke isabadinga ngesizini ezayo.
Ubesehlale iminyaka emithathu kuleli qembu alijoyina ngo-2020 esuka kwiBidvest Wits ngesikhathi ivalwa.
UMonare ubeseqenjini lesizwe laseNingizimu Afrika, iBafana Bafana, elenze kahle liphuma endaweni yesithathu kwi-Africa Cup of Nations ka-2023.
Nokho, ekubuyeni kwakhe akakwazanga ukubuyela esikimini eqenjini likaJose Riveiro kwi-Orlando Pirates.
Ubuye indawo yahe seyidliwe umfana omncane, uThalente Mbatha obebolekwe kwiSuperSport United ngoMasingana.
Njengoba yena iminyaka seyiqala ukumphika, futhi uRiveiro efuna ukwakhela ikusasa, akumangazanga ukuthi inkontileka yakhe ingavuselelwa.
Ngokubika kwe-iDiski Times, uMonare ubonakale eyingxenye yabadlali beSekhukhune United ngesikhathi leli qembu libuyela ejimini ngoMsombuluko.
Imithombo ye-iDiski Times ikuqinisekisile ukuthi usesayine inkontileka yeminyaka emibili kuleli qembu laseLimpopo.
IBabina Noko inombandela wokwelula le nkontileka ngomunye unyaka uma seyiphela eminyakeni emibili ezayo.
OLUNYE UDABA: ULesufi uveza okwenze bayidele iMoroka Swallows
Kulindeleke ukuthi avale isikhala sikaKamohelo Mokotjo, oshiye leli qembu waya kwiCape Town City.