Ezintsha

UPule Mmodi usebheke isiqalo esisha kwiChiefs 

UPule Mmodi, ongomunye wabadlali abamqoka kwiKaizer Chiefs, usezibekele umgomo wokuthuthukisa kakhulu indlela adlale ngayo ngesizini edlule.

IChiefs izothola isiqalo esisha kule sizini njengoba izoba nethimba elisha labaqeqeshi.

Iphini lomqeqeshi elisha, uFernando Da Cruz, utheleke kuleli ngeSonto kanti nguye ozoqapha isimo kuze kufike umqeqeshi ozoqokwa maduze, uNasreddine Nabi.

UPule Mmodi, obengomunye wabashayimagoli abahambe phambili ngesizini edlule kuMakhosi, uzwakalise ukujabula ngezinguquko ezizayo nendlela entsha ethathwa yiqembu.

“Okunye sekudlulile, sekuyisikhathi sokuthi ngibheke phambili,” ucashunwe esho kanje uMmodi kwiSABC Sport. 

“Ngibheke ukwenza okungcono kakhulu eqenjini futhi sengibheke ngabomvu isizini entsha. 

“Ngicabanga ukuthi ngizilungele izinguquko eqenjini. Nokuthi ngizodlala nabanye abadlali abasha kunginikeza ithemba. 

“Ngifisa ukuthi bangafika nenhlanhla eqenjini ngesizini entsha,” kusho uMmodi.

Kulindeleke ukuthi uDa Cruz kube nguye olawula okwenzekayo ejimini ngeqembu elikhona njemanje.

Leli qembu lilungela ukuya ekhempini yezinsuku ezingu-18 ezoba seTurkey, ezoqala ngomhla ka-4 kuNtulikazi.

UMmodi unethemba lokuthi la malungiselelo, ahambisana nezinguquko ezintsha eqenjini, azohlahla indlela yokubuyela ezinsukwini zenjabulo eNaturena Village.

“Yebo, ngikubheke ngabomvu lokho, ngiyakholelwa kimina futhi ngicabanga ukuthi ngizothola isikhathi sokudlala kule sizini entsha. 

“Ngibheke ngabomvu ukubuyisa izinsuku zenjabulo eNaturena.”

IChiefs sekuphele amasizini ayisishiyagalolunye inganqobi ndebe, kanti ithimba elisha labaqeqeshi kulindeleke ukuthi liqede le ndlala. 

UMmodi, ojoyine iChiefs esuka kwiGolden Arrows ngonyaka odlule, uthi ubhekene nenselelo yokuguqula isimo esikhona eqenjini.

“Izinhloso zami kule sizini wukushaya amagoli amaningi ngendlela engingakwazi ngayo nokwenza iqembu liwine indebe njengoba ngike ngasho phambilini. 

“Ngizimisele ukwenza konke okusemandleni ami kunesizini yokuqala.”