Ezintsha

ULesufi uveza okwenze bayidele iMoroka Swallows

IMoroka Swallows kumanje isendalini futhi ngokwemibiko yakamuva usevelile nofisa ukuthenga isitifiketi sayo. 

Sekulindwe isigungu esiphezulu sePremier Soccer League ukuthi sigunyaze ukudayiswa kwayo, idayiselwa u-Abram Sello weMarumo Gallants. 

Ngaphansi kobuholi bukasihlalo uDavid Mogashoa, iMoroka Swallows ibhekane nenye yamasizini enzima kakhulu kwezezimali. 

Iqembu lehluleke ukudlala imidlalo emibili ngoZibandlela, okubangele ukuthi iPSL ilijezise kanzima. 

ISwallows ihlawuliswe u-R1-million ngokungalubhadi emidlalweni yeDStv Premiership okwakumele ibhekane kuyo neMamelodi Sundowns neGolden Arrows.

Ezimweni zakamuva, ubuholi beSwallows buvumile ukuthi buhlulekile njengoba izinsiza zemali ziqhubeka nokuncipha. 

“Akufani nokuthi uMogashoa akazange azame. Isibalo soxhaso azame ukuluthola nalabo abachithwe (yiPSL) siphezulu. 

“Ngeke usho ukuthi akazange azame ukuthola abaxhasi,” kusho uLesufi kwiMetro FM muva nje.

“Ngeke usho ukuthi akazange azame ukuthola abadlali abasezingeni eliphezulu nokuthola umqeqeshi osezingeni eliphezulu njengoba elande uSteve Komphela. 

“Lokho bekuwukuzibophezela kukodwa, kodwa wenzenjani uma umlando weqembu uqobo ukubuyisela emuva?

“Wenzenjani uma iFifa ithi kunabadlali okumele bakhokhelwe, futhi izigidi zamaRandi…

“Futhi uma ungenazo lezo zinsiza, kufanele ubuyekeze. Uma indlela yokwenza imali ngeqembu ingasebenzi, wenzani?”

Kunabadlali ababesayinwe yileli qembu laseSoweto kudala, lisaphethwe uLeon Prins abasakweletwa imali yabo namanje. 

Yikho lokhu okuke kwayivimba ukuthi isebenzise igama layo yaze yabuya iyiSwallows FC, kodwa ibuyele egameni layo kule sizini. 

Nokho kubukeka ukuthi bekungokokugcina ikhona kule sizini ngoba uma uSello evunyelwa ukuyithenga, uzoyishintsha igama.