UDe Sa ucebisa uGavin Hunt ngokushiya iSuperSport
– Alfred Ngubane
URoger De Sa ubonisa owayenguzakwabo, uGavin Hunt ukuthi ake ayofesa kwenye indawo, ashiye iSuperSport United.
Isizathu esenza uRoger De Sa abe nalo mbono wukuthi ubona iSuperSport imsebenzisela emuva uGavin Hunt.
Uthi ukuphemba iqembu kabusha njalo uma kuqala isizini yinto ezokwenza agcine engaboni lapho ebheke khona.
URoger De Sa usola iSuperSport ngale ndlela yayo yokwenza izinto ngokudayisa abadlali njalo ekupheleni kwesizini.
“Ngibona ukuthi usegidagida ndawonye manje uHunt ngoba iSuperSport United selenza inzuzo ngokukhiqiza abadlali kuphela.
“Njalo uhlanganisa iqembu elisha labadlali abaqhamuka enkulisa, bafike bagile izimanga bese bemphuce ngokuthi babadayise njalo ekupheleni kwesizini.
“Kumanje uhluleka nokuncintisana neMamelodi Sundowns ngoba inabadlali abaphuma kuyona iSuperSport United,” kusho uDe Sa.
Okwenza uDe Sa abe nalo mbono ngoHunt wukuthi uyamazi ukuthi ungumqeqeshi othanda impumelelo yokunqoba izindebe.
“UHunt ungumqeqeshi othanda ukunqoba izindebe, kodwa manje unqindiwe amandla njengoba leli qembu lingenawo amandla ukuthenga abadlali abanohlonzo.
“Kuzomele aqalaze engxenye uma efuna ukunqoba izindebe ngoba iSuperSport idinga umqeqeshi ozokhanda abadlali kuphela,” kuphetha uDe Sa.
Indlela iSuperSport edayisela ngayo iSundowns bonke abadlali bayo abanohlonzo yenze abanye bagcina sebeyibiza ‘ngenkulisa yeSundowns’.
Kodwa muva nje ne-Orlando Pirates seyibonile ukuthi zimbiwe yinsele kwiSuperSport njengoba nayo seyiqalile ukutheza kuyo.
Kule sizini iPirates ivuke ngoPatrick Maswanganyi noThalente Mbatha kwiSuperSport, okungabadlali abafike bakhombisa ukuba bahle kakhulu.
ISundowns yona ibilande uThapelo Maseko kanti baningi kakhulu abanye ngaphambi kwakhe asebevele bekwiSundowns.
UHunt kuke kwavela ukuthi ufunwa uthuli yiSekhukhune United, okuyiqembu eliselisha kodwa elibonakala linezifiso zokuya kude.
OLUNYE UDABA: Kugiye abePirates neSundowns emiklomelweni yePSL
Kumanje leli qembu laseLimpopo lizoyidlala kwiCaf Confederation Cup okwesibili kulandelana.